‘Ngiyosabela noma yinini uma ngibizwa’

Comment on this story
no kom nanxa GALLO IMAGES UMQEQESHI weFree State Stars uSteve Komphela uthi usengasiza noma yinini uma edingeka kuBafana Bafana. Isithombe: GALLO IMAGES

LUNGILE MAJOKA

USTEVE Komphela usamile ekutheni uyosabela noma yinini uma ebizwa yiSafa ukuthi azosebenzela isizwe yize engazange ayingene eyokuthatha isikhundla sokuba yi-Technical Director abesinikwa yile nhlangano, waqoka ukubuyela eqenjini lakhe iFree State Stars.

Ubenikwa lo msebenzi emva kokukhala ngaphansi kuGordon Igesund abebebanga naye umsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana.

“Akusisona isizathu esisodwa esenze ngangawuthatha lo msebenzi. Ngemuva kokuxoxisana noRobin Peterson (isikhulu esiphezulu kuSafa) sivumelene ngokuthi kungcono ngibuyele kuFree State Stars ukuze kube nenqubekela phambili. Ngicabanga ukuthi lesi yisinqumo esihle kimina,” kusho uKomphela izolo ntambama esendleleni eya ekhempini ye-Ea Lla Koto.

Akafunanga ukungena endikimbeni yokungawuthathi umsebenzi wokuba usomaqhinga weSafa kodwa imenenja yakhe, uTim Sukazi, utshele leli phephanda ukuthi lokhu bekuzomnqinda uKomphela njengomqeqeshi osemncane osafuna ukukhula.

Nokho kube nokushayisana kwezinkulumo phakathi kwalaba uma uKomphela esebuzwa ukuthi ngabe akanqabanga ngoba bekuzoba nzima ukuthi kukhonye izinkunzi ezimbili, yena no-Igesund, okuyinto evezwe nanguSukazi. Esezikhulumela yena lo mqeqeshi obeke iFree State Stars endaweni yesithupha ku-Absa Premiership ngesizini edlule, ukuhlabe wakuhlikiza ukuthi bebezoshayisana ngemibono no-Igesund.

“Kuyadumaza ukuthi kukhona abantu abacabanga ngaleyo ndlela. Ngiyabazwela impela abathi ngicasulwe wukungawutholi owokuqeqesha. Angilona uhlobo lomuntu obambelela kokubi. Sonke isimo engibhekana naso siyangikhulisa.

“Ngisasho namanje ngiyohlale ngizimisele ngokuthi ngisabele uma iSafa ingidinga ukusiza isizwe. Isimo ebesikhona njengamanje yisona esingenze ngathatha lesi sinqumo. Ngakhuliswa ngaphansi kwesandla esihle. Ngiyakwazi ukuhlonipha umsebenzi womunye umuntu,” kusho lo mqeqeshi onekhono lokubeka ngesisoka.

Uthe okumkhathaza kakhulu wukuthi abantu abasho okubi ngaye abakaze basebenzisane naye kodwa bakhuluma besezintabeni.

“Bazobhiyoza labo abebevele bengafuni ngithole umsebenzi nalabo abebengibhekile baphatheke kabi.”

UKomphela ubonge abaphathi beFree State Stars ngokumbekezelela kukhona konke lokhu njengoba eseyoqedela inkontileka yakhe yonyaka emsalele.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.