‘Ngizobadlisela ogageni engibanga ijezi nabo’

Comment on this story
no pat phungs Gallo Images AKESABI ngokuthola isikimu ku-Orlando Pirates uPatrick Phungwayo osayiniswe yileli qembu evela kuBidvest Wits. Isithombe: GALLO IMAGES

MALIBONGWE MDLETSHE

ENYE yezinduku ezintsha ezigawulwe ngompetha, i-Orlando Pirates, uPatrick Phungwayo, uveze izikhali athemba ukuthi azomsiza anqobe umbango wejezi ozoshuba kuleli qembu.

UPhungwayo ubhekene nenkunzi yenselelo yokuhlwitha ijezi kuThabo Matlaba, ofike kweZimnyama esuka kuFree State Stars wangena khaxa.

UMatlaba ubelihlwithe kuRuben Cloete oseke wabizwa kuBafana Bafana nosize kakhulu iBucs ngesizini ka-2010/2011.

Ngisho kunjalo kodwa uPhungwayo uthe uyazethemba ukuthi uzobadlisela ogageni ozakwabo kulo mbango ngoba useke wadlala e-Afrika, waya naphesheya kanti futhi kunabadlali ababukhali kweZimnyama aseke wagijima eqenjini elilodwa nabo.

“Ngizethemba kabi, uma nje ngike ngathola ithuba bazosala bencela izithupha abantu engizobanga nabo. Into ezongisiza kakhulu wukuthi njengoba sizodlala kuChampions League nje mina nginawo amava aleli zinga kwazise ngidlalile khona neWits (Bidvest) emva kokunqoba iNedbank Cup ngo-2010,” kusho uPhungwayo.

Lo mdlali, oshiye iZitshudeni esegijime kuzo imidlalo engu-59, kulindeleke ukuba alekelelane nomngani wakhe uSifiso “Nsunda” Myeni osuka kuWits naye osabhekene nowakhe umbango ongumqansa.

Nokho uPhungwayo uthe ngaphandle kokwazana noMyeni kodwa yena ugabe ngokuthi useke wayibamba eqenjini elilodwa iminyaka engaphezu kwemine nonyazi olungu-Oupa “Ace” Manyisa besaphekwa ku-Africa Sports Youth Academy kaHarold “Jazzy-Queen” Legodi.

“Kuhle ukufika eqenjini kunabadlali abasaziyo isitayela sakho futhi abakwaziyo ukuthi ungumuntu onjani. Sazana kakhulu nabo bobalili uMyeni noManyisa kodwa u-Oupa ngidlale naye isikhathi eside sihlala endlini eyodwa iminyaka engaphezulu kwemine. Angilindele phela ukuthi uzobamba ibhola abheke mina kodwa kuzongenzela isimo sibe lula,” kusho uPungwayo ofike kuWits esuka kuPanionios GSS edlala kuSuper League yaseGreece.

Leli nxele belungukhiye wasemuva ohlangothini lwesokunxele eqenjini likaRoger de Sa.

Lithe lizizwa lisekhaya kuBucs ngoba lidlalile nakwinkulisa yaleli qembu ebeyiphethwe ngu-Augusto “Njenje” Palacios ophethe izintambo zokucija eZimnyama kule sizini.

“Ngizizwa ngokhululekile kuPirates futhi leyo ngenye into engiyibona izongiqinisa ukhakhayi kodwa ngikhule ngokwanele ukwazi ukuthi iqembu lihamba phambili ngakho izinjongo zami kukho konke kuzobe kuwukuphumelelisa lona iqembu,” kuphetha uPhungwayo.

IPirates izovula imidlalo ya-Absa Premiership neLamontville Golden Arrows okuyiyona abavale nayo beyishaya ngo 4-2 ngesizini edlule.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.