.
UMSIZI Qwabe (kwesokunxele) noTsiko Mulovhedzi ngesikhathi bebhekene empini eyaphetha kungekho efuna ukugoba uphondo ngonyaka odlule. Isithombe: PATRICK MTOLO
UVUMA ukuba yingozi kwembangi yakhe entsha uTsiko Mulovhedzi osezobhekana noScelo Mzobe waKwaZulu-Natal empini yokuhlungela isicoco sakuleli seWelterweight ngenyanga ezayo eThekwini.
UMulovhedzi waseLimpopo walwa ngokulingana nozakwabo kaMzobe, uMsizi Qwabe, empini yokuhlungela lesi sicoco ngasekupheleni konyaka odlule.
Le mpi kwakwaziwa ukuthi ngeyesicoco nokwezwakala sebezongena eringini ukuthi sekuzoba ngeyokuhlunga ngoba iBoxing South Africa (BSA) ikhale ngokuthi bobabili laba bashayisibhakela kade bagcina ukulwa.
Bekulindeleke ukuthi baphinde ukuze kutholakale umanqoba ozobhekana nozowina phakathi kukaBoitsepo Mandawe noMthobisi “The Terminator” Buthelezi, kubangwe lesi sicoco esishiywe nguChris Van Heerden osephethe ese-International Boxing Organization. Kodwa kwangena uMzobe ngenxa yokuthi uQwabe usehlele esigabeni seJunior Welterweght futhi usendaweni yesine ohlwini lweBSA lwabagaqele isicoco.
Le mpi ehlelwe yiLudonga Boxing Promotions izoba seThekwini Boxing Gym ngoMashi 10.
“Bengingazithela ngabandayo ukube bengisazobhekana noMsizi (Qwabe) engizwile ukuthi useyangesaba. Kodwa njengoba sengizolwa noScelo, kuzofanele ngizimisele ngempela ngoba uyakwazi ukulwa yena, ngimazi kahle. Unobuchule kakhulu, kuzofanele ngizikhandle kakhulu ejimini,” kusho uMulovhedzi owehlula uMzobe ngo-2010.
Ngesikhathi uMulovhedzi elwa ngokulingana noQwabe ngasekupheleni konyaka odlule empini eyayiseGeorge Campbell, eThekwini, abaningi basola amajaji ngokwenzelela kuthiwa bekufanele ayinqobe (uMulovhedzi). Ngisho umqeqeshi wakhe, uCharles Mabunda, wayethukuthele ngesinqumo samajaji esashiya abalandeli beshaqekile.
“Ngiyazi ukuthi kuyenzelelwa eKZN. Angifuni kungiphinde okwenzeke ngonyaka odlule kuthiwa silwe ngokulingana empini ngiyinqobile. Kulokhu kuzofanele ngizikhandle zibekwa ukuze kube nzima emajajini ukukhipha isinqumo esingicindezelayo,” kusho uMulovhedzi.
Yize uMabunda esola uMagudulela ngokungabazisi kusenesikhathi ukuthi ngeke besalilwela ibhande kodwa uthe sebekudlulisile okwenzeka begcina ukuzolwa eThekwini.
Ngakolunye uhlangothi uMzobe bekufanele abhekane noPatrick Sou Toke waseBurkina Faso ngoMashi 3 kweyesicoco se-African Boxing Union kodwa yabhuntsha ngenxa yokuntuleka kwemali kumgqugquzeli wayo.
|
|
Services
Comment Guidelines