IMENENJAkaBabes Wodumo, uSanele Dlokolo, ithi iWest Inc. iyasihlonipha isinqumo esithathwe Ukhozi FM sokungalifaki iculo lakhe i Mercedes emoyeni.
Leli culo likaBabes alizwakali emoyeni kanti lokhu kulandela isinqumo sabaphathi boKhozi FM sokuthi bangalifaki ohlwini lwezingoma ezizwakala kulo msakazo ngezinsolo zokuthi likhuthaza isidakamizwa esibizwa ngeMercedes. Kuzokhumbuleka ukuthi nonyaka ngo-Ephreli kwasolwa isidakamizwa esibizwa ngeMercedes ngokufa kwabafundi abane baseThekwini. Ekhuluma ne Solezwe ngesinqumo soKhozi FM sokuvala leli culo, uSanele uthe: “Sathola i-email isazisa ukuthi ngeke balidlale leli culo emsakazweni ngezizathu zokuthi likhuthaza umyalezo omubi wokudliwa kwesidakamizwa esabulala intsha eThekwini. UBabes usuke ekhuluma ngemoto kuleli culo futhi nasesithombeni esihambisana nalo kufakwe yona njengendlela yokuqhakambisa imoto eyiphupho lakhe.” kusho uSanele.
“Noma kungekho ndawo lapho leli culo likhuthaza khona ukudliwa kwesidakamizwa, siyasihlonipha isinqumo sabo futhi asikaze sizame ukuqophisana nabo ngoba yibona abazi okufunwa abalaleli babo,” kuqhuba yena. Kuleli culo uBabes apike kulo uMampintsha noMadonone bazwakala bethi, ‘ngibambe mercedes, ngibambe nto yami, ngibambe music, ngibambe nto yami.’
USanele uphinde waveza ukuthi abafuni ukugxila ezindabeni ezingekho zinhle kunalokho bafuna ukuqhubeka balungiselele isikhathi samaholidi esizobamatasa kakhulu.
Ube esedalula nokuthi baba nezinkinga ngaphambilini oKhozini bezama ukufaka iculo uBabes azakhele udumo ngalo, i Wololo.
“Kuze kwaba le ngoma yobumnandi izwakala kuMetro FM, YFM nakwezinye iziteshi kwase kwayima beyifaka nabo,” kuchaza yena.
Kuthintwa okhulumela iziteshi zakwaSABC, uKaizer Kganyango ucingo lwakhe belukhala engalubambi. UZandile Tembe oyimenenja yezinhlelo kuKhozi ucele ukuthunyelelwa i-email ngalolu daba kodwa wangaphendula.