FANELESIBONGE BENGU
U MLINGISI owaphelelwa yindawo ku Zalo, uThandeka Zulu, usejoyine umdlalo waku-e.tv, Umlilo, lapho ezodlala khona indawo kaSindiswa.
UThandeka wayedlala indawo kaNombuso ku Zalo olukhonjiswa ngo-8.30 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu.
Ngemuva ko Zalo ubonakale efilimini emfishane kuMzansi Magic, ethi Emthonjeni.
UMbaliyesizwe Ngiba, oke walingisa kwi Sibaya ufake isithombe sakhe noThandeka ku-Instagram ethi akasakwazi ukulinda ukumbona kuthelevishini “ebangena”.
UThandeka uthe uSindiswa uzoba yinkosikazi encane kaMnqobi odlalwa nguHamilton Dhlamini.
“USindiswa yintombazane efundile ewumZulu engunobhala ehhovisi. Izofike ibonane noMnqobi bese beyathandana,” kusho uThandeka.
Uthe yena noSindiswa kabafani ngoba akakholelwa esithenjini.
“Anginankinga nesithembu nabantu abashadele kuso kodwa mina angikholelwa kuso. Ngeke ngilunge.”
Uthe uzoqala ukubonakala uma isizophela isizini yesithathu yo Mlilo eqale ngoMsombuluko ngo-9.30 ebusuku.
“Ngiyabonga kakhulu ku Zalo ngokungivulela iminyango,” kusho uThandeka.
Uthe yize eqopha eGoli kodwa usahlala eThekwini, uya eGoli uma eyoqopha kuphela.
Uthe lokhu kungenxa yokuthi iqembu lomculo ayilungu lalo, i-AfroSoul lizinze eThekwini.
“Njengamanje simatasatasa siqopha i-albhamu entsha ye-AfroSoul ezophuma maduze.”
Uthe ufisa ukuthi ngelinye ilanga azibone eselingisa emafilimini amakhulu akhonjiswa umhlaba wonke.