Odilika abane kuthisha owadlwengula

Comment on this story
NO thusi4 INLSA ABAHOLI be-ANC Womens League abebezoseka umndeni womfundi owadlwengulwa nguthisha ogcine egwetshwe odilika jele abane enkantolo yaseSikhawini izolo. Iszthombe: PATRICK MTOLO

CELANI SIKHAKHANE

‘NGIFUNA lesi sigwebo engizosethula sibe yisifundo kubo bonke othisha nakwabanye abantu abasaqhubeka nokunukubeza izingane nabantu besifazane ngokocansi futhi esizokwazi ukuhlangabezana nentukuthelo yomphakathi ngesenzo sakho sokunukubeza ingane eneminyaka ewu-14 ekubeni unguthisha wayo.”

Lawa kube ngamazwi eMantshi yeNkantolo yesiFunda eSikhawini KwaZulu-Natal, uMnuz Siyabonga Ngesi, ogixabeze uthisha waseNdlamvuzo High odilikajele abane ngokudlwengula ephindelela umfundi oneminyaka ewu-14 abemnukubezela emahlathini aseSikhawini.

URaphael Thusi (40) osebe nguthisha iminyaka ewu-11, ubefundisa iMaths eNdlamvuzo.

Ubebhekene namacala amane awenze ngoMashi wakulo nyaka okudlwengula umfundi ehlathini elibizwa ngokuthi yiPort Danford nelakwaMaholoholo.

UThusi kuthiwa ngesikhathi eqala lo mkhuba wasungula amakilasi angezimpelasonto nalapho atshela khona lo mfundi ukuthi kumele asale abayeke abanye abafundi bahambe.

NO thusi1 KUNGESIKHATHI uMnuz Raphael Thusi obenguthisha eNdlamvuzo High esetshelwa isigwebo sodilika jele abane yinkantolo yaseSikhawini ngokudlwengula umfundi oneminyaka engu-14 kulo nyaka INLSA

UNgesi ngesikhathi echaza uthe uThusi waya nomfundi ehlathini wafike wehluleka ukulala naye okokuqala kodwa wamfaka iminwe emsabisa ngokumbulala uma emceba.

Ngokulandelayo waphoqa ukulala naye ekubeni esezinsukwini zakhe wafaka ikhondomu. Okokugcina lapho ebanjwe khona ngamaphoyisa nomphakathi ehlathini walala naye engayifakile ikhondomu.

UThusi kuthiwa ubesephatha ngisho icansi ukuze akwazi ukulala nalo mfundi emahlathini.

“Lesi sigwebo engikunika sona ngifuna sibe yisifundo kwabaningi ngoba zonke izinsuku kule nkantolo sihlale sibhekene namacala okudlwengulwa kwezingane ezincane nogogo asebekhule bafika eminyakeni engu-80, yingakho namhlanje ngikunikeza odilikajele abane kuwona wonke amacala obhekene nawo kodwa uzoyidonsa kanye kanye le minyaka,” kusho uNgesi.

Ngaphambi kwesigwebo, ummeli kaThusi uNkk Amilia Bekker, ucele inkantolo ukuthi kumele imxegisele ingamnikezi udilika jele ngoba unenkosikazi, umuzi awukhokhelayo eMpangeni, imoto nezingane eziyisikhombisa.

Ubeke nesizathu sokuthi kumele inkantolo yazi ukuthi lo mfundi ngesikhathi benza ucansi akukho lapho alinyazwa khona nguThusi.

“Ngaphandle kwalokho uThusi uzimisele ukuthi angakhokha nemali engu-R10 000 ukunxephezela ummangali ngokwenzeka ngoba futhi uqhuba izifundo zakhe enyuvesi,” kusho uNkk Bekker.

UThusi ubeke isizathu esicasule abesifazane abebegcwele inkantolo sokuthi lo mfundi nguye owaqala wamfuna elokhu emwotawota izitho zangasese nokwaholela ekutheni amshele futhi yena wayezitshela ukuthi usekhulile, uneminyaka engu-17.

UMshushisi, uMnuz Bonginkosi Mbokazi, uthe umsolwa uyihlazo kwezemfundo futhi uzehlisile isithunzi ngakwenzile ngoba ubefana noyise kulo mfundi kodwa wabona kungcono amnukubeze esebenzisa ukuthi unguthisha.

Leli cala belihanjelwe ngothisha abebesebenza noThusi nophiko lwentsha nolwabesifazane be-ANC abasijabulele isigwebo bathembisa ukuthi bazoyeseka inkosikazi kaThusi nomndeni womfundi ngoba bayazi ukuthi babhekene nobunzima obukhulu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.