Odilikajele kowabhubhisa umamkhulu nabashana

Comment on this story

BAWINILE NGCOBO

IGWETSHWE odilikajele abathathu eNkantolo eNkulu oPhongolo indoda yaseMbitane, KwaMaphumulo elahlwe ngamacala okubulala umamkhulu wayo nabashana ababili ngokubangqongqisa ngomlilo nendlu ekuqaleni kwalo nyaka.

UPhumlani Smart Dlomo (29) ugwetshwe udilikajele ngokubulala umamkhulu, uNksz Masisi Gabi Mhlongo (48), omunye udilikajele ngokubulala umshana wakhe uFanelesibonge Ntuli (8) nodilikajele ngokubulala omunye umshana wakhe u-Amahle Nxumalo (5).

UDlomo uphinde wagixabezwa ngeminyaka engu-10 ngecala lokuthungela ngomlilo.

Kuthiwa uDlomo owayesola umamkhulu wakhe ngokuthi uyamthakatha waqale wagenca uNksz Mhlongo nabashana bakhe ngaphandle komuzi ngaphambi kokuthi ahudulele izidumbu zabo ngaphakathi endlini lapho wabe esethela khona uphethiloli wazishisa.

UDlomo okunguye yedwa owayekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko wathi akezwanga lutho ngesikhathi kusha indlu wabe esebaleka kule ndawo kodwa amaphoyisa ambopha ngoFebhuwari 7 wagcinwa ezitokisini.

UNksz Ntombi Mhlongo oyindodakazi kaNksz Mhlongo owashonelwa yingane yakhe uFanelesibonge kulesi sigameko, uthe umndeni ugculisekile ngesijeziso esinikwe umzala wakhe.

“Sisithokozele lesi sigwebo. Yaba buhlungu le nto ayenzayo kodwa kithina esisele akekho onenkinga, sihlalisene kahle, uyena owayenenkinga yakhe nje,” kuchaza uNksz Mhlongo.

Uthe kuze kube yimanje uDlomo akafuni ukuchaza ukuthi wayenzelani le nto.

“Amaphoyisa ambopha kuqala athi wathi umama wayemthakatha kodwa ngesikhathi esesenkantolo ubesephika ukuthi wayenza le nto,” kusho uNksz Mhlongo.

Uthe uDlomo uke wambiza ngaphambi kokuthi agwetshwe wathi uyaxolisa ngakho konke kodwa ngesikhathi embuza ukuthi wakwenzelani wangabe esaqhubeka, wavele wakhala.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.