Advertisement
logoSections

Odokotela benelisekile ngoMandela

OWAYENGUMENGAMELI wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela (osesithombeni), ululama kahle. Lokhu kushiwo yihhovisi likaMengameli izolo.

“Odokotela abaxilonga uMandela balokhu beqhubeke njalo nokusibikela ngokululama kwakhe futhi bathi benelisekile yindlela alulama ngayo,” kusho uMnuz Mac Maharaj, okhulumela ihhovisi likaMengameli Jacob Zuma.

Nelson Mandela. Credit: AP

UMandela (94), wathuthelwa esibhedlela esiseQunu, e-Eastern Cape, ngoMgqibelo, walaliswa esibhedlela i-1 Military ePitoli.

Ihhovisi likaMengameli lithe uphethwe yisifo esihlobene namaphaphu.

Liphinde lanxusa ukuba umndeni wakhe uhlonishwe ngokunikwa isikhathi sokubhekana nalesi simo.

SHOW ALL
Advertisement