Advertisement

Ogada uSomlomo obishini

SIMPHIWE NGUBANE

USATHUKILE umndeni webhungu okuthiwa lidindwe ngesibhaxu ngunogada kaSomlomo kaMasipala waseMlalazi kubangwa ukudla ngemuva komcimbi wokulethwa kwentuthuko endaweni yaseGingindlovu.

UMndeni kaLunga Sithole (19) uthi kuyacaca ukuthi isono sendodana yawo kwaba wukubamba ulayini wabantu ababelindele ukunikwa amaphase-la okudla ngemva komcimbi obusezinkundleni ze-midlalo eHemfane eGingindlovu ngoMgqibelo.

Kuthiwa unogada kaNkk EN Malinga-Mtshali wabamba uLunga ngesidlozane emkhipha kulayini wabe esemqhasabula ngezimpama lokhu okwaphetha ngokuthi awe phansi waphuma igazi ngomlomo nangezindlebe ekhihliza namagwebu.

Umamncane kaLunga, uNksz Gabi Mdluli, uthi bewumndeni basadidekile ukuthi ubeshayelwani uLunga ngoba wonke umuntu wabona ukuthi akonanga lutho. UNksz Mdluli uthi indodana yakhe ichithe izinsuku ezine esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane, uthe livuliwe icala lokushaya kodwa akukho muntu oseboshiwe.

SHOW ALL
Advertisement