isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Okhungethwe yizinkinga usinde ethi uyazibulala

Comment on this story


NO GUMEDE~1

.

UNKSZ Thembelihle Gumede (kwesokunxele) eduduzwa nguColonel Zandile Ndlovu emuva kokuzama ukuzibulala ngenxa yezinkinga. Isithombe: BONGANI MBATHA

LUNGI LANGA

UKHALA ngokuxakeka nokuhlukumezeka owesifazane oziphonse olwandle lwaseThekwini ezama ukuzibulala.

UNksz Thembelihle Gumede (29), waKwaMakhutha uthe izinkinga esezingaphezu kwamandla zimenze wabona isisombululo sakhe kuwukuzibulala.

Kuthiwa ngeSonto ebusuku ngesikhathi evakashele izihlobo zakhe eGreyville, uNksz Gumede wathungatha amaphilisi efuna ukuzibulala ngawo. Umzala wakhe, UNksz Zinhle Cele, wamvimba kulokho. Lokho kwabanga ukuthi aphume endlini ngejubane ayoziphonsa olwandle.

UNksz Gumede uthe izinkinga alokhu azithwala kusukela ebuncaneni bakhe yizo ezidale ukuthi agcine efuna ukuzibulala. Uqhube wathi ukudlwengulwa ephindelela nokusala nosizi lokukhulisa izingane zakubo ezintathu enganayo nendawo yokuhlala, yikho okuqale izinkinga.

“Ngadlwengulwa kabili ngisakhula. Ngiqala ukudlwengulwa umama wayazi ngakho kodwa kwangaba khona akwenzayo. Kwaze kwaba wukuthi loyo owangidlwengula ubanjwa oqotsheni. Kodwa akugcinanga lapho, ngaphinde ngadlwengulwa ngumuntu owayeshade nomama. Ngenxa yokuthi sihamba sihlala nodadewethu kugcine naye esedlwengulwa.”

Uthe washonelwa ngunina wamushiya nezingane zakubo ukuthi azinakekele. Enye yazo isafunda isikole, enye yathola ingane yayishiya kuye ukuthi ayikhulise, kanti enye isize yaboshwa.

“Abazali basishiya singenayo indawo yokuhlala saze sagcina sihamba siqasha. Nengane yakithi encane isize yadlwengulwa nayo,” kusho yena echiphiza izinyembezi.

Umzala wakhe, uZinhle, uthe kubathusile lokhu okwenziwe nguThembelihle.

“Ngimjahe ngaze ngafika olwandle ngizitshela ukuthi ngizomfica. Ubaleke waziphonsa ezimotweni waze wafika olwandle nokuyilapho engene khona. Ube esenyamalala ngagcina ngingasamboni. Nami ngingenile olwandle ngithi ngifuna ukumsiza kodwa ngigcine sengiphumile ngoba ngibona ukuthi nami ngizomuka,” kuchaza uNksz Cele obebukeka ethukile.

Eqhuba uthe ngenxa yamagagasi abenamandla abatakuli bathe ngeke bakwazi ukumthungatha. Unyamalale ubusuku bonke waze waziqhamukela yena ngakusasa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe bawutholile umbiko wokuthi kukhona umuntu odukile ngeSonto ebusuku.

Udokotela wezengqondo wenhlangano iMakhedama Consulting eThekwini, uDkt Sbusiso Mhlongo, uthe kuningi okungadala ukuthi umuntu afune ukuzibulala. Uthe kokunye kusuke kuyindlela azibona ngayo.

Uveze nokuthi liyanda kakhulu izinga labantu abazama uzibulala. Uthe lokhu kusuke kuyisikhalo sokufuna usizo.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)

mamswee, wrote

IOL Comments
05:42pm on 22 February 2012
IOL Comments

usisi bekumele ambonge uNkulunkulu ngesecond chance but engingakusho ukuthi indlela engikhule ngayo ithi ayifane neyakhe kodwa ngosuku engathatha impilo yami ngayisusa esandleni somuntu ngayinika Ujesu Krestu yila zaqala ukwenzeka izinto empilweni yami,hayi ukuya esontweni bathi ukunika uNkulunkulu ithuba 100% kwangisebenzela kwambuleka okuningi ngoba usazobathola abazodlala ngaye ngoba bazi ukuthi uhluphekile

Report this

IOL Comments

Anonymous, wrote

IOL Comments
03:36pm on 22 February 2012
IOL Comments

PHO UTHE UBEKUPHI AKASHO IQINISO FUTHI ENGATHI ENGASHINTSHA UMQONDO EMUKELE MHLAMPE ISABELO SAKHE ANGAZI BULALI INKOSI NGEKE IMLAHLE

Report this

IOL Comments

Anonymous, wrote

IOL Comments
02:32pm on 22 February 2012
IOL Comments

Pho udadewethu ube kuphi ubusuku bonke. Ngabe ufuna ngempela ukuzibulala? Uma ngabe uyafuna, wenzelani ukuthi abanye babone izinhlelo anazo.

Report this

IOL Comments

Anonymous, wrote

IOL Comments
01:56pm on 22 February 2012
IOL Comments

Siyambongela esindile, siwubongele umndeni nezihlobo ngoba sebeyayazi inkinga yakhe. Othandiweyo wethu akabanga nayo inhlanhla yokusinda ezibulala nyakenye. kusayisilonda kithi ngoba asazi kungani azibulala umuntu esasimazi e strong futhi eyi pillar yomndeni. Abamnakekele naye azithande njengoba ethole elinye ithuba nje. Akadunyiswe Ongabonwayo.

Report this

IOL Comments

Showing items 1 - 4 of 4

Carlo
I'm a 40 year old man looking to meet women between the ages of 30 and 45.
View Profile
mdm_668
I'm a 42 year old man looking to meet women between the ages of 20 and 39.
View Profile
umxhosa_126
I'm a 38 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 38.
View Profile
IOL - dating
Granny10
I'm a 19 year old woman looking to meet men between the ages of 21 and 30.
View Profile
IOL - dating
BRIGOZ
I'm a 30 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 30.
View Profile
IOL - dating
Zion321
I'm a 26 year old woman looking to meet men between the ages of 30 and 55.
View Profile