‘Okubalulekile ukushaya amagoli’

Comment on this story
no modrise Gallo Images UTHEMBISA iwini uTeko Modise njengoba iBafana Bafana izobhekana ne-Ethiopia emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2014 eRustenburg ngeSonto ngo-3 ntambama. Isithombe: GALLO IMAGES

INTATHELI YESOLEZWE

UTEKO Modise ungomunye wabadlali beBafana abelokhu bekhona ekhempini cishe iminyaka emihlanu manje.

Bakhona asebeke babuza ukuthi ukhethwa kanjani eqenjini lesizwe umdlali osehlulekile ukuvelela emiqhudelwaneni emikhulu phezu kwethalente elingangatshazwa. INdebe yoMhlaba ka-2010 yafika yadlula engathi akwenzekanga lutho kuyena waphinde wehlelwa yifomu naseqenjini lakhe.

Ngaphezu kwakho konke osekwenzekile empilweni yakhe, lisekhona ithalente elaholela ekutheni uCarlos Alberto Parreira akhele iqembu lakhe kuye. UPitso Mosimane naye ubonakala enokumethemba lo mdlali weMamelodi Sundowns.

Nokho uModise akuseseyona indawo yakhe esiswini njengoba kulindeleke ukuthi uSteven Pienaar noSiphiwe Tshabalala kube yibona abavula inkundla uma iBafana isidlala ne-Ethiopia kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngeSonto, eRoyal Bafokeng, ngo-3 ntambama.

Ifomu yakhe kuSundowns kule sizini iyalibuyisa ithemba lokuthi kukhona indawo angayidlala kulo mshikashika wokufaka iBafana emqhudelwaneni omkhulu njengoba yagcina ukwenza lokhu nge-African Nations Cup (Afcon) ka-2008.

Inkinga yeBafana kule minyaka edlule wukuhlaselwa yisomiso samagoli. Ishaye amagoli amane kuphela emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ka-2012.

Yize umthwalo omkhulu wokutholela iqembu amagoli ungaba kubagadli kodwa uModise njengomdlali wasesiswini naye kukhona okubhekiwe kuyena.

Unethemba lokuthi ukuba khona kukaSiyabonga Nomvete kuzosiza ukuqeda inkinga yamagoli. UNomvete oshaye amagoli angu-20 ku-Absa Premiership kungenzeka aqale phambili noKatlego Mphela.

“Ngicabanga ukuthi sizoya kulo mdlalo siyiqembu elihlukile ngoba uBhele noKiller bangabashayi bamagoli,” kusho uModise izolo.

“Kulula ukwakhela amathuba abadlali abanjalo ngoba bayakujabulela ukushaya amagoli. Kumele sakhe inqwaba yamathuba. USchillo (Steven Pienaar) usakhele iBafana amathuba amaningi okushaya amagoli. Angiboni ehluleka wukwenza lokho ngempelasonto.”

I-Ethiopia ekleliswe endaweni ka-138 emhlabeni ayibonakali izoyinika inkinga iBafana.

“Kade sibuka ama-video e-Ethiopia izolo (ngoLwesithathu) ebusuku. Banabadlali abanejubane phambili. Yilokho esisebenzela phezu kwakho uma siziqeqesha. Abanayo inkinga noma bephethe ibhola. Sizozama ukubavala bese siyahlasela. Okubalulekile wukushaya amagoli. Sifuna ukuwina.”

Okunye okuvelile kuModise wukuthi ukaputeni we-Ethiopia uDegu Debebe ungumdlali omuhle kanti abagadli bayo bayashesha.

IBafana ibizicija ngokuhlasela ngokuzuma isebenzisa izimo lapho izitha zisuke zishaya ikhona. Kodwa uma i-Ethiopia yenza njengamanye amaqembu asuke ethathwa njengamancane, ingazikhethela ukuhlala emuva, ilindele iBafana ukuthi kube yiyona ehlaselayo.

“Sifuna ukunqoba njengoba kuzobe kunabantu abazosiseka. Kumele sibenze bangazisoli ngokukhokhela ukuzosibuka,” kuphetha uModise.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.