Okushaqisayo ecaleni likaPistorius

Comment on this story
no Copy of ST Pistorius Case 607 INLSA NGAPHANDLE kweNkantolo yeMantshi yasePitoli amalungu ophiko lwe-ANC Womens League abephakamisa izigqwembe ekhombisa ukungahambisani no-Oscar Pistorius oboshelwe icala lokubulala intombi yakhe u-Reeva Steenkamp. Isithombe: BOXER NGWENYA

INTATHELI YESOLEZWE

IZOLO kuvele obunye ubufakazi obushaqisayo ngecala elibhekene nomgijimi wakuleli, u-Oscar Pistorius, lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp.

Icala likaPistorius lilalelwe yiNkantolo yeMantshi yasePitoli kanti okwamanje kusalalelwe isicelo sebheyili esifakwe yilo msubathi.

Izolo umshushisi wecala uMnuz Gerrie Nel utshele inkantolo ukuthi ukubulawa kukaReeva kwakuhleliwe. Uthe uPistorius wafaka imilenze yakhe wathatha isibhamu waqonda endlini encane lapho afike wadubula khona uReeva amahlandla amathathu.

UNel uthe kwathatha uPistorius amagxathu ayisikhombisa ukufinyelela endlini encane lapho intombi yakhe yayizikhiyele khona.

Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuyaqhubeka namuhla lapho kulindeleke ukuthi iMantshi, uMnuz Desmond Nair, ilalele zombili izinhlangothi zicubungula izincwadi ezifungelwe ezethulwe enkantolo kuphinde kuphakanyiswe imibuzo.

no Copy of Copy of MDF24834 [1] LAPHA bese kungenwa nesidumbu sikaReeva Steenkamp (okwesincane) sihanjiswe lapho besizolothiswa khona eVictoria Crematorium ePort Elizabeth izolo. Isithombe: REUTERS Reuters

Ngakolunye uhlangothi uPistorius, encwadini efungelwe efundwe eNkantolo, uthe wayengaqondile ukubulala intombi yakhe ebingumkhangisi obebukeka ezoba nekusasa eliqhakazile uReeva.

U-Nair uthe kumele agcinwe ezitokisini aze abuye avele kule nkantolo uPistorius khona namuhla. Isicelo sokuthi agcinwe ezitokisini zasesiteshini saseBrooklyn sizophelelwa yisikhathi namuhla okuzodala ukuthi kudingeke abameli bakhe bafake esinye esingase siphikiswe ngabashushisi bombuso.

Isizathu esenze ukuthi kuhlehliswe icala izolo bekwenzela ukuthi kunikwe abashushisi nabameli bakaPistorius isikhathi esanele sokucubungula izincwadi ezifungelwe ezethulwe enkantolo baphinde babheke lapho bengaphosa khona imibuzo.

UPistorius uthe uyakuphika ukuthi wabulala intombi yakhe ngenhloso. Ngesikhathi kuqhubeka isicelo uPistorius ubegcwele izinyembezi emehlweni ekhala.

Ummeli kaPistorius uMnuz Barry Roux uthe ngelanga lesigameko uReeva wanikeza uPistorius isipho seValentine’s Day wacela ukuthi asivule ngelanga losuku lwezithandani.

Uthe ngoFebhuwari 13 wayazi ukuthi uReeva uzohamba nabangani bakhe bazikhiphe bese naye ezikhipha nabakhe abangani.

no Copy of 15829860 OSCAR PISTORIUS PA Wire/Press Association Images

Kuze kwaphoqeleka ukuthi imantshi ikumise ukuqhubeka kwesicelo kwazise uPistorius ubekhala esephazamisa inkantolo. Okunye okuvelile wukuthi uPistorius wagcina ehlanganile nentombi yakhe ukuze babe nedina.

UPistorius uthe yena noReeva bazunywa wubuthongo bangena engubeni balala.

Ngokusho kwakhe wake wathola izinsongo zokubulawa yingakho ehlala nesibhamu esiyi-9mm ngaphansi komqamelo. Uthe wezwa umsindo wacabanga ukuthi abaphangi ababesendlini encane .

Kwathi uma ezwa lowo msindo washaywa wuvalo wadubula ebhekise emnyango wasendlini encane ememeza ecela uReeva ukuthi abize amaphoyisa engazi ukuthi uReeva wayekuyona.

Ubegcizelela ukuthi wayethukile futhi ezizwa engaphephile ngakho okwakusemqondweni wakhe kwakuwukuvikela yena noReeva.

Ngesikhathi efika embhedeni wabona ukuthi uReeva akekho engutsheni. Uthe wazama ukuvula umnyango wasendlini encane wathola ukuthi uvaliwe wayeseya ngaphandle wamemeza ecela usizo.

no Copy of CA_Reeva steenkamp0 Reeva Steenkamp. Isithombe: Timothy Bernard INLSA

Emva kwalokho uthe wathatha induku yokushaya ibhola lekhilikithi wazama ukuvula ngayo endlini encane. Esevulile wathola uReeva owayesedubulekile kodwa esaphila. Uthe wamthwala waphumela naye ngaphandle ukuze aphuthunyiswe esibhedlela kwabizwa nodokotela kanti uReeva uzoshonela ezandleni zakhe.

Imantshi ithe leli cala lizothathwa njengalawo abucayi okusho ukuthi uma uPistorius etholwa enecala uzothola isigwebo esikhulu kakhulu. Ithe kunezinkomba zokuthi kwakuhleliwe okwenzeka. Lesi sinqumo sisho nokuthi uPistorius kuzomele aveze izizathu ezinqala zokuthi kungani kumele athole ibheyili.

Khonamanjalo, uReeva ungcwatshwe izolo ePort Elizabeth lapho bekukhona izihlobo nabangani kuphela.

Abomndeni kamufi babonge ukwesekwa abakutholile.

UNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli uMnuz Fikile Mbalula uthe uPistorius akahambisani nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.