Group
uGerald Rossolloty owayethandana nentokazi yomdabu uNokwazi Ntuli
KUVELE ubufakazi obushaqisayo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngecala lowesilisa womlungu osolwa ngokubulala intombi yakhe emnyama waqeda wayithungela ngomlilo eGreytown.
Obhekene naleli cala uGerald Rossolloty (osesithombeni) owayethandana nentokazi yomdabu uNokwazi Ntuli. UDokotela owahlola isidumbu sikaNksz Ntuli uthe abukho ubufakazi obukhombisa ukuthi wayesaphila ngesikhathi owayeyisoka lakhe emthungela ngomlilo.
UDkt Danraj Maney utshele inkantolo ukuthi wathola ukuthi uNksz Ntuli waklinywa waphinde washaywa kanzima emzimbeni wephuka izimbambo waphinde wathinteka kabi inhliziyo ngesikhathi isoka limhlasela.
Uthe wophela ngaphakathi ngenxa yokutubeka akuthola eshaywa nguRossolloty. Umufi wayengufakazi wombuso ecaleni lokubulala kanti umphenyi wecala uConst Bonginkosi Dlamini utshele inkantolo ukuthi wake wacabanga ukuthi amfake ngaphansi kohlelo lokuvikelwa kofakazi kodwa uNksz Ntuli wala ngoba ekhala ngokuthi uhlala nesoka lakhe.
Ungoti ophenya ngezigameko zokusha komlilo, uCaptain Thinus Bekker, utshele iJaji ukuthi umlilo owangqongqisa umuzi kaRossolloty washiswa ngamabomu.
Uthe uphenyo lwabo lukhombisa ukuthi umufi wafakwa ebhilidini ngaphambi kokuba lithungelwe ngomlilo. - Intatheli yeSolezwe
|
|
Services