SEKUPHELE iminyaka emibili unina ashona ngemuva kokudilika kwebhilidi lezivakashi elaliyizitezi eziyisithupha esontweni iSynagogue Church of All Nations, eNigeria kepha lesi sehlakalo usasikhumbula sengathi senzeke izolo.
UNksz Phumelele Nyawo (39) wasePhilani Valley, eMlaza washonelwa ngunina uNksz Nomusa Nyawo (64) owayeqala ukuya esontweni likaMphrofethi uTB Joshua.
Izolo bekuyisikhumbuzo seminyaka emibili kwenzeka lesi sehlakalo esadlula nemiphefumulo ewu-116, okubalwa nabawu-85 bakuleli.
Onjiniyela ababili abaphasisa leli bhilidi babhekana namacala obudedengu nokubulala inqwaba yabantu.
UNksz Nyawo uthe akaboni ukuthi kukhona okufanele bajeze ngokwenzeka ngoba ukholwa ukuthi okwenzeka kwakufana nokwakudaliwe.
“Mina akekho engimbeka iphutha ngokwenzeka ngoba ngisho uMprofethi uTB Joshua angimbeki icala. Wayengabizanga muntu esontweni lakhe kodwa abantu yibona abazikhethela (ukuya).
"Umama wayenguthisha kaSunday School aphinde asebenze ePlayhouse lapho ayengenisa khona izivakashi. Waqongenela imali yakhe iminyaka emithathu ukuze aye eNigeria. Sasijabule kakhulu eya khona ngoba sasazi ukuthi uyokhulekela ukuthi izinto zenzeke. Wayeyokhulekela ukuthi kulunge izinto emndenini. Wayengahambelanga yena yedwa kodwa wayehambele umndeni wonke,” kusho uNksz Nyawo.
Uthe usuku unina ashona ngalo akasoze alukhohlwa ngoba walahlekelwa ngumuntu obeyikho konke empilweni yakhe.
“Sibathathu kumama, mina ngiwumagcino. Laba abanye sebekhulile, bahlala ezindaweni zabo. Yimina obehlala nomama. Ubeyikho konke kumina. Ubengubaba, engumngani, engubaba wengane yami. Washiya isikhala esikhulu enhliziyweni yami, yingakho namanje kusebuhlungu. Indoda kaNkulunkulu (uTB Joshua) yasitshela ukuthi asikhuleke uma sifikelwa wusizi lokubakhumbula. Ngimkhumbula kakhulu uma kuwusuku lwakhe lokuzalwa noma olwami nolwengane yami ngoba yizinsuku ebesiba ndawonye ngazo,” kusho uNksz Nyawo.
Uthe ngonyaka odlule ngoSepthemba baya eNigeria neminye imindeni yakuleli eyashonelwa yizihlobo zayo ukuyobona indawo yesigameko.
“Ukuyobona lapho kwashonela khona umama kwanginika ukuthula emoyeni. Satshelwa lapho ukuthi kumele samukele ngoba bese kuyisikhathi sabo sokufa, indlela uNkulunkulu ayebabiza ngayo. Kungiphatha kabi ukuthi kukhona ababasolayo ngokuhamba kwabo. Umuntu ngeke umkhethele ukuthi akaye kosontaphi. Sihlale sisibuka isiteshi i-Emmanuel TV sibona kwenzeka izimangaliso kubantu, siyafisa nathi ukufinyelela kuleli bandla,” kuqhuba uNksz Nyawo.
Udadewabo kaNksz Nyawo ocele ukungadalulwa uthe ngeSonto kwi-Emmanuel TV bebedlala imiyalezo yenduduzo beyibhekise kuyo yonke imindeni eyashonelwa ngamalungu ayo esibhicongweni sokudilika kwebhilidi.
“Mina angithandi ukukhuluma ngakho ngoba kungivusela amanxeba. Wusuku esingasoze silukhohlwe,” kusho udadewabo.
Kwabashona kwakukhona nodokotela owaziwayo eThekwini uDkt Dickie Ngcobo (48) nomyeni wakhe uMnuz Thuthukani Ngcobo (49) ababendawonye ngesikhathi kudilika ibhilidi.