Ombombayi bakaMatric eKZN

Comment on this story

MHLENGI SHANGASE

UKULAMBELA kwabafundi ukuba noMatric kuthathe elinye igxathu njengoba sebethenga izitatimende zemiphumela ezingombombayi ukuze bakwazi ukuthola umsebenzi noma baqhube izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Isikhulu esibhekele izivivinyo eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Barney Mthembu, sithe siyanda isibalo sabafundi abazama ukuthatha amashansi ngokufika nezitatimende zikaMatric ezingombombayi.

Abanye balaba bafundi kuthiwa basuke befuna ukugxivizelwa lezi zitatimende kanti abanye basuke bezama ukuzoziqinisekisa ukuthi zingo ngqo.

UMthembu uthe siyanda isibalo sabafundi abafika nsuku zonke njengoba sibalelwa ku-30 befuna ukugxivizelwa.

“Abafundi bafika befuna ukuthi sibagxivizele izitatimende ngoba bethi zifunwa emanyuvesi. Amanyuvesi asuke enayo imiphumela yabafundi ngoba ngesikhathi kukhishwa imiphumela kaMatric, ithunyelwa nasezikhungweni zemfundo ephakeme. Uma ufika neyakho basuke benayo nabo ngakho kulula ukuthi ubanjwe uma uthenge isitatimende semiphumela esingumbombayi,” kusho uMthembu.

Uthe abazenzayo kwesinye isikhathi bathatha esomunye umfundi basifothokhophe bese beshintsha amagama, kokunye bazakhele nje esingekho.

Umfundi usebenzisa isitatimende asilanda esikoleni semiphumela uma efuna izikhala zokufunda ngoba izitifiketi zikaMatric ziphuma maphakathi nonyaka.

“Isitatimende asigxivizwa, uma usilahlile ugayelwa into enemiphumela kuphela ngoba sona sigaywa kanye uma kukhishwa imiphumela. Ngeke sisigxivize isitatimende yisitifiketi kuphela esingasigxiviza. Sona sihamba sinjalo ngakho abafundi abayeke ukufika bethi bafuna sibagxivizele ngoba asigxivizwa,” kusho uMthembu.

Okhulumela lo mnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uxwayise abenza lokhu ukuthi ayikho impunga yehlathi ngoba yimikhonyovu le abasuke beyenza.

“Uma sikubamba ukuthi uke wenza into efuze le ziyakukhalela ngoba wumkhonyovu osuke uwenza. Ekugcineni uyabanjwa ngoba uma sekubhekwa ukuthi iziqu zakho zingu-ngqo yini kutholalaka ukuthi akuzona bese uyaboshwa, noma uxoshwe,” kuxwayisa uMlotshwa.

UMthembu uthe abafundi abaqikelele ukuthi izitatimende zabo bayazazi ukuthi zikuphi ngaso sonke isikhathi.

“Abafundi abaqikelele bazigadise okwezikhali zamaNtungwa izitatimende zabo ngoba buningi ubugebengu. Isitatimende asikhishwa kabili, siphuma kanye ngakho abafundi abazigade,” kuqhuba uMthembu.

Uxwayise nothishanhloko ababamba izitatimende zabafundi ngoba bengakhokhile imali yesikole noma abanye bengazibuyisanga izincwadi.

“Ikhwelo likaNgqongqoshe uMchunu (Senzo) elokuthi akekho umfundi okumele abanjelwe imiphumela yakhe ngoba engakhokhile noma engazibuyisanga izincwadi. Abaqhubeka nokwenza lokhu bazothathelwa izinyathelo,” kusho uMthembu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.