Ona-83 iminyaka ulindele imiphumela

Comment on this story
no mandeni INLSA UMNUZ Mdubeni Mthimkhulu , Nkk Nonhlanhla Shandu noMnuz Jabulani Khuzwayo

MHLENGI SHANGASE

‘NGABE kuyafundelwa yini ukuya ezulwini na?”

Lawa ngamazwi asankenteza ezindlebeni zenduna yaseNhlangano eShowe, uMnuz Mdubeni Mthimkhulu (83) okunguyena muntu omdala kunabo bonke obefunda KwaZulu-Natal.

UMthimkhulu owazalwa ngo-1930 uthi la mazwi yiwona asaduma ezindlebeni zakhe njengoba ozakwakhe babemhleka usulu bembuza ukuthi njengoba eseguge kanje yini emenza ukuthi abuyele esikoleni ayofunda ngoba iminyaka isihambile.

Ubenza uLevel 4 emfundweni yabantu abadala i-Adult Education and Training, okuyibanga lokugcina ngaphansi kwalolu hlelo.

“Angikaze ngiwubeke umcondo wami esikoleni, yingakho eminyakeni emihlanu edlule ngathatha isinqumo sokuthi ngibuyele esikoleni ngoba ngiwumuntu ohlushwa ukuthi ngihlale ngifuna ukuzithuthukisa angifuni kube khona into ezongihlula. Ozakwethu babengihleka beze bethi ngoba sengimdala kungani ngibuyela esikoleni ngiyofunda ngoba vele ayisekho indaba sengigugile. Ngabatshela ukuthi abahlale kanjalo bona uma bengafuni ukuzithuthukisa kodwa mina ngibuyela esikoleni ngiyofunda,” kusho uMthimkhulu.

no mandeni (8) UMNUZ Mdubeni Mthimkhulu efunda izincwadi nabazukulu bakhe INLSA

Uthe isikhathi sakhe esiningi usichitha ensimini njengoba evukela khona nsuku zonke ngaphambi kokuba aye esikoleni.

Ukubhukula abuyele edeskini yize esegugile kugqugquzele amakhosikazi akhe amabili, kwamathathu anawo njengoba enesithembu ukuthi abuyele esikoleni ukuze azithuthukise.

“Omama basekhaya ababili besifunda nabo, omunye wabuye washiya phakathi, omunye saqhubeka. Ntambama singena indlela sibheke esikhungweni siyofunda ngoba yize sesigugile kodwa asifuni ukusala ngaphandle,” kuqhuba uMthimkhulu.

UMthimkhulu onezingane ezingu-15, nesizukulwane, uthe umndeni wakhe wakwamukela ngezandla ezimhlophe ukubuyela kwakhe edeskini.

“Ngingafisa ukuthi uma ngiphumelela kuleli banga ebengilenza ngiqhubekele phambili ngoba ngiyithanda kakhulu into ethinta ezolimo. Njengoba ngihlale ngisemasimini nje wuthando lomhlabathi ngakho angeke ngaba nenkinga ukuyofunda umkhakha okhuluma ngezolimo, nomhlabathi ngoba ilapho siqeda khona indlala. Nabanye abazithele ngabandayo amathuba akhona manje abasukume babhukule bangahlali nje ngoba akukho okuzoza kubona kalula. Sengiyakwazi manje ukubhala, ngiyazibhalela yonke into noma kuthethwa amacala enkantolo yesizwe kulula, ngiyazifundela futhi,” kusho uMthimkhulu.

UMnuz Jabulani Khuzwayo (56) ofunda noMthimkhulu uthe akathintwa uma esebhekene nencwadi uzakwabo ngoba yinto ayizwa egazini.

no mandeni (10) USUKE engasafuni kuphazanyiswa uMnuz Mdubeni Mthimkhulu uma esehamba nothisha wakhe uNkk Nonhlanhla Shandu INLSA

“Uma esephethe izincwadi zakhe ngeke usamenza lutho ngoba uyakuthanda ukufunda. Sigqugquzelekile ukubona umuntu ongangaye ephindela esikoleni eyofunda,” usho kanje.

Phakathi kwezinye zezifundo azenzile, naye elinde ngabomvu imiphumela yakhe nezinkumbi zabebenza umatric, kubalwa ezamaBhizinisi, Maths, ezoLimo ne-Life Orientation.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.