Osomahlaya bachitha eyokungezwani

Comment on this story
no Dlungelwa INLSA UCISHE wakhihla isililo yinjabulo uDlungelwa egubha usuku lwakhe lokuzalwa. Lapha ubehalaliselwa nguPastor Mjosty. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

SIHLE MKHIZE

USOMAHLAYA waseThekwini uPastor Mjosty uthumele umyalezo oshubile kulabo abafaka unyawo lwedada ebudlelwaneni bakhe noSboniso Masuku odume ngoDlungelwa.

UMjosty ubekhuluma eMatimatolo, eGreytown emgubhweni wosuku lokuzalwa lukaDlungelwa obe neminyaka engu-34 ngeSonto.

UMjosty uthe sebekhathele ngabantu abakhuluma ngamagama abo kabi ngenhloso yokumosha.

Usho lokhu nje, bese kunamahlebezi okuthi laba bobabili sebeyinkukhu nempaka kusolwa uMjosty ngokudla imali kaDlungelwa.

“Sesikhathele ngabantu abakhuluma kabi ngomunye, ngifuna nazi ukuthi njengoba kade nimbona uDlungelwa ekade ehleli nani lapha ekhaya yingoba wayelimele engozini yemoto hhayi lokhu okushiwoyo. Njengoba eseluleme sesizoqala phansi ukusebenza,” kusho uMjosty.

UDlungelwa ubonge wanconcoza kubo bonke abambungazile ngalolu suku wagcizelela ukuthi njengoba namhlanje aziwa ngamahlaya yingenxa kaMjosty.

Uphinde wamtusa nangokuthi ufake isandla ngokuthenga izipho nokunye okuningi kulo mcimbi njengoba yena ubethi ukhala engashayiwe kwazise kade engasebenzi ngenxa yokulimala.

“Njengoba nazi ukuthi kade ngilimele futhi angisebenzi ngicela nazi ukuthi uMjosty ungomunye wabantu abangixhasile ukuze usuku lokuzalwa lwami lube yimpumelelo. Uqhamuke eThekwini ethwele,” kusho uDlungelwa.

Laba bobabili sebezakhele udumo kuma-DVD amahlaya okubalwa ethi Mphathiswa elanywa ngethi Kwaito Church Service.

Akuphelanga lapho njengoba uMjosty ephinde wakhipha i-albhamu ye-kwaito kaDlungelwa ngaphansi kwe-Estertainment esihloko sithi Ten Year Plan.

Ngesikhathi kuqhubeka lo mcimbi izithameli ebezikhona okubalwa omakhelwane nabangani bahleke kwabuhlungu izisu uMjosty efunza ikhekhe uDlungelwa wena owabona izithandani.

Kube ukuphela kwezinkulumo ebezihambisana namahlaya ebezethulwa yilaba bobabili oDJ bendawo baqhulula isgubhu kwamnandi kujatshulelwa uDlungelwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.