Owase-USA uzishaye zonke ezingu-16 elobola isangoma (65)

Comment on this story
no wedding11 KULINDELEKE ziwushaye maduze esangomeni saseMgungundlovu uMakhosi Gladys Msho Nozimeme (65), kwesokudla, nesinqandamathe uMnuz Victor McGill (65), ophakathi. Oshaya amathambo yindodakazi kaNksz Nozimeme, uMakhosi Thembi Khumalo (28) Isithombe: SHAN PILLAY

Shan Pillay

INDODA yomlungu engeyokuzalwa e-USA izoqopha umlando ishadelwa owesifazane oyisangoma esidumile eTable Mountain, eMgungundlovu ngoSepthemba 23 nonyaka.

Umshado kaMnuz Victor McGill (65) noMakhosi Gladys Nozimeme (65) kubhekeke ukuba udonse amehlo abantu abaningi bendawo njengoba kuyinto engajwayelekile ukuthi yenzeke.

UMnuz McGill uthi usezikhokhile zonke izinkomo zamalobolo ezingu-16 zoboya into aseyilindele usuku olukhulu lomshado. Le ndoda ingeyokuzalwa e-USA, ePhiladelphia kanti ichithe iminyaka yayo eminingi ezweni laseNdiya futhi izobe iqala ukushadelwa. UMcGill uthi esefike kuleli ufikele kuyena umakhosi wamthwasisa njengoba naye eseyisangoma ngokugcwele.

Isangoma uNozimeme uphelelwa amagama uma ecabanga ngomshado wakhe noMcGill kodwa akusho ukuthi ngesikhathi embona okokuqala kwavele kwacaca ukuthi uzoba yingxenye yempilo yakhe. UNkk Nozimeme naye unengane eneminyaka engu-20 eyisangoma.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.