Advertisement
X

OwaseLindelani usivikele ese-IBF

INTATHELI YESOLEZWE

USIVIKELE ngempumelelo isicoco sakhe se-IBF flyweight uMoruti “Baby-face” Mthalane ongqimuze phansi uRicardo Nunez waseMexico ngomzuliswano wesishiyagalombili empini ebingoMgqibelo ebusuku, eRoberto Duran Arena, ePanama City, ePanama.

UMORUTI Mthalane. Credit: Ziphozonke Lushaba

UMthalane waseLindelani usheshe wayicacisela zisasuka amagqozo imbangi yakhe ukuthi akazile ukuzosinisa amahleza ngesikhathi eyivusa phansi ngenqindi ngomzuliswano wokuqala.

Nokho uMthalane naye uke wavuka phansi ngomzuliswano wesithathu kodwa ngemuva kwalokho ube eseziphonsa zilandelana izibhakela, impi yagcina imisiwe sebelwe imuzuzu emibili ngomzuliswano wesishiyagalombili.

Ukushaya isibhakela esineNkosi phakathi kukaMthalane kusimamise irekhodi lakhe elihle lokuqumba phansi izimbangi ingakapheli imizuliswano engu-12 esuke iliwa.

Uselwe izimpi ezingu-29 washaywa kwezimbili nje vo. Unqobe ezingu-20 ngemingqimuzo yomlalisa phansi ezimpini ezingu-27 asezinqobile. Ibhande le-IBF uMthalane ulinqobe ngoNovemba, 2009. Leli bhade uselivikele kubashayisibhakela abafana noZolani Tete noJohnreil Casimore bobabili abaxhifize ngomzuliswano wesihlanu. Ngonyaka odlule uphinde waziphuzela isobho ngo-Okthoba ebhambabula u-Andrea Sarritzu ngomzuliswano wesikhombisa. Usabhuquziswe phansi nguNkqubela Gwazela noNonito Donaire.

UGwazela wamnenebula ngoSepthemba 2003 kanti uDonaire ikhono lakhe elibatshazwayo njengoba ekewaphatha isicoco se-IBF nese-IBO wambhaxabula ngoNovemba 2008.

UNunez ubeyingozi embi kabi njengoba esanqobe izicoco ezingu-20 ngomgqimuzo womlalisa phansi nomcacamezelo. Ngaphambi kokuthi athole uswazi kuMthalane ubesangqinyuzwe kabili selokhu alwa okokuqala ezingeni elikhokhelayo ngo-2006. Ubesashaywe nguWilliam De Sousa ngoMashi 27 noDrian Francisco ngo-Ephreli, 2010.

SHOW ALL
Advertisement