Owayengumholi we-NFP uthole ibheyili

Comment on this story
No Ntuzuma INLSA UMLANDELI we-IFP ebabaza emuva kokuthi kudutshulwe uzakwabo, uMnuz Siyabonga Dlamini enkantolo yaseNtuzuma. UMnuz Mzonjani Zulu ukhishwe ngebheyili eNkantolo yeMantshi, eThekwini ngecala lokubulala uDlamini

BAWINILE NGCOBO

UKHISHWE ngebheyili ka-R5 000 enkantolo yeMantshi eThekwini owayengumholi we-NFP obhekene necala lokubulala ilungu le-IFP ngaphandle kwenkantolo yaseNtuzuma ngo-Okthoba nonyaka.

UMnuz Mzonjani Zulu uthole ibheyili emuva kwezinyanga ezimbili evalelwe esitokisini ngecala lokubulala uMnuz Siyabonga Dlamini owadutshulwa phambi kwabantu nezintatheli.

IMantshi uTrevor Levert ithe uZulu kumele ahlale kuleli kheli atshele inkantolo ukuthi uzohlala kulo, angasondeli ngaseNkantolo eNtuzuma.

Ithe umphenyi nomshushisi baveze ukuthi isizathu sokuthi uZulu anganikwa ibheyili yingoba besabela ukuphepha kwakhe kodwa ummeli kaZulu, u-Advocate Mvune Mdluli utshele inkantolo ukuthi uZulu uzoqasha onogada abazomqapha uma kunesidingo.

Kuvele ukuthi umphenyi wecala uLt Mthokozisi Goge usathembele ezitatimendeni zabantu ababekhona akakayiboni noma ayithole i-video ekhombisa okwenzeka ngalolu suku.

Uthe le video uzoyithola ukuze isebenze uma sekuthethwa icala.

UZulu ngesikhathi ecela ukunikwa ibheyili uthe unomuzi awukhokhelayo aseze wanciphisa imali okumele ayikhokhe ngenxa yokushodelwa yimali.

Uthe unonkosikazi ongasebenzi amondlayo nezingane ezinhlanu, ezintathu ezincane kuzo ezisafunda.

UZulu uthe unamatekisi ayisithupha kodwa angasasebenzi ngoba unkosikazi wakhe uhlulekile ukulawula abashayeli abebesebenzisa imali budlabha.

Uthe amathathu kuwo ubesawakhokhela ebhange kanti usenesikweletu esingu-R64 000, elilodwa uthe lakhishwa ngamaphoyisa emgwaqweni kanti amabili yiwo lawa ayalele unkosikazi wakhe ukuthi awamise ukusebenza aze aqede ukulungisa udaba lwebheyili.

Uthe angakhokha imali engu-R5000 yebheyili asetshele unkosikazi wakhe ukuthi ayiboleke ezihlotsheni.

Uthe inkinga yemali anayo iqale ngaphambi kokuthi kwenzeke isigameko asolwa kuso.

Ngesikhathi ephoswa imibuzo ngobufakazi bakhe, umshushisi uMnuz Blacky Swart uveze ukuthi ubufakazi bukaZulu buyashayisana nalobo babantu ababekhona abanezitatimende zabo.

Uthe omunye owayeqaphe esangweni uthi uZulu wamtshela ukuthi akavumelekile ukupaka ngaphakathi emagcekeni enkantolo ngoba kupaka abantu abasebenza khona kodwa uZulu wapaka ngenkani,

UZulu uthe bonke abantu ababebalulekile bapaka ngaphakathi naye wayezithatha njengomuntu obalulekile ngoba wayemele iNFP.

USwart uphinde waveza ukuthi iphoyisa elaliphethe uphiko lwe-Public Order Police (POP) olwaluqaphe isimo uLt Sithole ubhale isitatimende esithi uZulu wayenolaka egcwele indelelo ngosuku lwesigameko.

Uthi uZulu weza kuye ephakathi nendawo kwabe-NFP ne-IFP esangweni lasenkantolo wathi akathathe umkhonto kumuntu owayephambi kwakhe.

USwart uthi uSithole wabheka lo muntu wambona ukuthi wayengezi ngakuZulu wayezihambela ngakho washo ukuthi ngeke akwazi ukumbopha.

UZulu uthe lokhu akusilo iqiniso ngisho ivideo yakwaSABC izokukhombisa lokhu.

USwart uthe eyakwa-e.tv ikhombisa lokhu okushiwo uSithole.

UZulu uthe uzoliphika icala abekwe lona ngoba wayezivikela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.