OweDa Babes usazoya eMkhosini woMhlanga

Comment on this story
NO NCUPHA1~1 . UNCUPHA wama Da Babes uthi uzoqhubeka nokuhambela uMkhosi woMhlanga kuze kube ungena emshadweni. Isithombe: SANDILE MAKHOBA

FANELESIBONGE BENGU

UMCULI osezakhele udumo ngokucula eqenjini labesifazane bodwa, iDa Babes, osanda kwenzelwa umemulo uthi akukho okuzoshintsha njengoba esazoqhubeka nokuhamba uMkhosi woMhlanga njengenhlalayenza.

UNcupha Mzimela (21) uthe nakulo nyaka uzowuhambela uMkhosi woMhlanga aqala ukuwuhambela eneminyaka eyisishiyagalombili.

UNcupha oyilungu leDa Babes ehlanganiswe nguye, Nonhlanhla “Nhloh” Masinga, Zama “S’faca” Jali noNqobile “Stretch” Mlaba, uthe uyoze ashade esaqhubeka nokuhambela uMkhosi woMhlanga oba sesigodlweni seSilo SamaBandla, eNyokeni, KwaNongoma, ngoSepthemba.

“Ngaphambi komshado angiziboni ngiyeka ukuhamba uMhlanga. Lesi yisinqumo engasithatha mina hhayi ukuthi mhlawumbe nginabazali abanomthetho. Ngikholelwa ekutheni umzimba yithempeli likaNkulunkulu ngakho awuwuphathi budlabha,” kusho uNcupha othe akekho owesilisa ahlekisana naye okwamanje.

UNcupha uthe akazikalele isikhathi afisa ukushada ngaso ngoba umshado “uyisibusiso sikaNkulunkulu” inqobo nje uma esemtholile umaqondana.

Lo mculi obuye abe ngumkhangisi weluleke amantombazane ngokuthi kumele ayazi into ayifunayo empilweni bese esebenzela ekutheni lelo phupho lifezeke.

“Mina nje ngiyayazi into engiyifunayo empilweni futhi akekho engincike kuye. Abaningi bathi uma uphumelela ungumuntu wesifazane yingoba mhlawumbe ujola nesikhulu kanti kimi akunjalo. Ngingamane ngihlale ekhaya kunokuthi ngenze kanjalo. Kumele uzimisele futhi ube nokuzethemba, lapho-ke konke kuzolandela.

“Okunye okubalulekile wukuthi kumele uhloniphe umzimba wakho ungumuntu wesifazane ungalokhu uwuphatha isinoma yikanjani ngoba lokho kungakudalela izifo bese impilo yakho iba mfishane,” kusho uNcupha.

Uveze ukuthi i-albhamu yabo entsha enezingoma ezifana nethi AmaMoods abayenze noSir Bubzin, Ngisey’ntweni, Uzongenzani nezinye sekusele kancane ukuthi iphume.

“Siya eGoli lapho sizofika khona siqophe ne-video. Abantu ababekezele iyeza,” kusho yena.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.