MCEBO MPUNGOSE
U MSAKAZI weGagasi FM osekuneminyaka esakaza, uMduduzi ‘DJ Lab’ Duma, uthi ukugxila kwakhe emabhizinisini yikho okumenza angangeni ezinhlelweni zaphakathi nesonto.
UDJ Lab (32), osakaza uhlelo iThe Fresh Cut engena ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku kuya ku-1 ezintatha, ungomunye wabasakazi abadala kulesi siteshi. Engxoxweni ne Solezwe uveze ukuthi okumvimbile ukuthi angene ohlelweni lwaphakathi nesonto wukuzibambela mathupha ebhizinisini lakhe.
“Phakathi nesonto nginjengabanye abasebenzi, ngingena ekuseni ngiphume ntambama enkampanini yami, i-Established Productions,” kuchaza uDJ Lab okhulele eNew Germany eThekwini.
Lo msakazi osedume endimeni njengoDJ weHip Hop uthi empeleni ungene endimeni ngo-1999 enguDJ weHouse. Uthe ngaphambi kokuthi afune ukuba wuDJ wayefuna ukuba yi-Architect kodwa ngokuhamba kwesikhathi wabona ukuthi unothando lomculo. Emva kokuphothula uGrade 12 e-Omni College eThekwini wangena shi kwezomculo efundela iSound Engineering namhlanje iziqu zayo asezibhanqe nezeBusiness Management. Exoxa ngokungena kwakhe emsakazweni ngo-2003 uthe angabala abantu abaningi abamlekelela. Ubale kubo uBrian Thabethe okunguye owamcela ukuthi amjoyine ohlelweni lwakhe lwangempelasonto ngokunjalo noSfiso, Mzokoloko noZamo Phungula.
“Ngifika emsakazweni ngiqale ngidlala amaMix, ngokuhamba kwesikhathi ngaba wuphrojusa wezinhlelo. Ngize ngaqala ukuba wumsakazi ngesikhathi sikaVukile Zondi esisanobudlelwano obuhle naye,” usho kanje.
Njengamanje lo DJ uyingxenye enkulu yokuhlelwa komcimbi iYouth Hip Hop Festival ezobe iseThekwini eMoses Mabhida People’s Park ngo-Juni 11. Uthe into aseyifundile ngokuba wumsakazi ukukwazi ukuhlelela izinto.
“Abantu bezwa uhlelo lwamahora ambalwa emsakazweni kodwa kunomsebenzi omningi osuke wenziwe ngaphambi kwalokho kuhlelelwa uhlelo luze lube sezingeni ngaphambi kokuthi uzwakale emoyeni,” usho kanje.
Ngesikhathi sakhe ekhaya uthe uthanda ukuzivalela endlini abuke amafilimu.