MLUNGISI GUMEDE
U SULE isigubhukane eqenjini obengumholi we-NFP, uVusi Khoza, ngoba esaba ihlazo lokukhonjwa indlela ngemuva kokulahlwa icala lokudala uthuthuva emphakathini yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili.
Kubikwa ukuthi uKhoza ufake incwadi yokwesula eqenjini izolo ngemuva kokutholakala enecala enkantolo. USihlalo we-NFP KwaZulu-Natal, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, izolo ukuqinisekisile ukuthi uKhoza uselishiyile iqembu. UMlotshwa akazange athande ukuphawula kakhulu ngalolu daba wathi okuningi bazokuveza esithangamini sabezindaba namuhla.
UKhoza usula nje bekulindeleke ukuthi ibhantshi ligcwale umoya kuye ngemuva kokulahlwa yicala njengoba i-NFP yaziwa ngokungananazi kubaholi bayo abazithola bephambene nengalo yomthetho.
Inkantolo ithole ukuthi uKhoza wayesekhaleni emkhankasweni wabantu base-Albert Park eThekwini wokuhlasela abokufika ngo-2009, esigamekweni okwashona kuso uVictor Zowa (23) waseZimbabwe noSaid Omari (22) waseTanzania.
UKhoza ungaphandle ngebheyili okwamanje kulandela ukwelulwa kwesikhathi sebheyili yakhe. Kulindeleke ukuthi agwetshwe ngoNovemba 20. Ubeliphika icala abebekwe lona. Ubetshela inkantolo ukuthi wayezihlalele kwakhe ngosuku okwenzeka ngalo isigameko waze wezwa ngaso ngoba esetshelwa amaphoyisa ehhovisi lakhe ngakusasa. Leli cala lenzeka uKhoza eseyikhansela le-ANC.
Amalungu e-NFP akhulume ne Solezwe izolo kodwa acela ukuthi angadalulwa ngoba awagunyaziwe ukuthi akhulume nabezindaba athe isikhuni sibuye nomkhwezeli kuKhoza ngoba ubesekhaleni lokuxoshwa kwabanye ozakwabo abebesolwa emacaleni ahlukene.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhoza watshela leli phephandaba ukuthi i-NFP akusilona ikhaya lababulali ngemuva kokuthi bathathe isinqumo sokuxosha uMnuz Mzonjani Zulu baphinde bamisa nobulungu bukaMnuz Bhungu Gwala kulandela ukuthinteka kwabo emacaleni okubulala.
Ukumiswa kukaGwala nokuxoshwa kukaZulu kuze ngemuva kokumiswa kowayeyiPhini leMeya eMkhandlwini waseMzinyathi uMnuz Simon Mkhize. Ubulungu bukaMkhize bamiswa ngemuva kokuthi wayethinteka emacaleni okubulawa kozakwabo eMsinga uMnuz Bongani Shelembe noNksz Lungisile Zuma. UMkhize futhi uyathinteka nasecaleni lukubulawa kobeyikhansela eNquthu, uMnuz Thulebona Nhlebela.