isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Owesimame kwesomholi kaMasipala

Comment on this story


NO NTANDOKAZI

.

UNKSZ Nokuthula Mgijima ube ngowesifazane wokuqala ukuthi abekwe njengomholi kaMasipala waseMzumbe. Isithombe: BONGANI MBATHA

AKAZIMISELE ngokufika noshintsho oluningi olungenasidingo owesifazane oqophe umlando ngokuba owokuqala ukuthi aphathe uMasipala waseMzumbe.

Yize ekuvuma ukuthi ubhekwe yinselelo enkulu, uthi ukulungele ukuhola uMasipala waseMzumbe uNksz Nokuthula Mgijima, ongowokuqala ukuqokwa abe ngumanenja walomasipala.

“Kwasekudalweni kwami ngingumuntu okuthandayo ukuba yingxenye yentuthuko. Kwakungijabulisa ukuzwa abesimame ebesisebenzisana nabo ezinhlelweni zentuthuko bethi uhlelo lwethu lubasizile. Ngangibona ukuthi yize kungeyona imali eningi abayenza kulolo hlelo kodwa leyo mali beyenza umehluko,” kusho uNksz Mgijima.

Abaningi ababekhona le ntokazi ithulwa njengomholi walo masipala, babezibuza ukuthi kazi inamuphi umlando ngomasipala nokuthi ngabe izokwazi yini ukuwenza lo msebenzi?

Akukuningi akuthembisile okwamanje kodwa ukwazile ukuchaza ukuthi unalo ulwazi ngokusebenza komasipala abahlukahlukene njengoba eseneminyaka eminingi esebenza kumasipala enza imisebenzi engafani.

Ngaphambi kokuthi afike lapho ekhona ube yingxenye kaMasipala wasoKhahlamba, owaseMathole, nowaseChris Hani.

Ukugcizelele ukuthi yonke imisebenzi abeyenza kubo yiyo emlungiselele ukuthi athathe lesi sikhundla.

Uveze nokuthi ukukhulela endaweni esemakhaya kube nomthelela omuhle ekutheni abe nesifiso sokusiza abantu. UNksz Mgijima ukhulele eHhewu, e-Eastern Cape.

“Ngingumuntu ozalelwe emakhaya nokubonile ukuxakeka kwabantu abasuka ezindaweni zasemaphandleni,” kusho uMgijima.

Uphinde waveza ukuthi ukubona kumuphonsela inselelo ukuphumelela kukamasipala waseMzumbe njengoba ulokhu uthole imiphumela emihle kumcwaningi mabhuku.

Uthe ufisa ukuthi baqhubeke nokuthola le miphumela njengoba sekungene yena kulesi sihlalo kodwa wagcizelela ukuthi ngeke akwenze lokhu eyedwa.

Lapho ephawula ngokuqokwa kwakhe njengowesifazane wokuqala ukuhola loya masipala uveze ukuthi kumjabulisile ukukhethwa yiwo.

Uqhube wathi ubona ukuqokwa kwakhe kungezinye zezindlela zokubonisa ukuthi uhulumeni wakuleli uzimisele ukuthuthukisa abesimame nokubanika ithuba lokuphatha izikhundla ezibafanele.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
BlinG
I'm a 20 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 21.
View Profile
PHAKWANE
I'm a 38 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 40.
View Profile
AGN_391
I'm a 24 year old man looking to meet women between the ages of 21 and 38.
View Profile
IOL - dating
Hey117
I'm a 40 year old woman looking to meet men between the ages of 39 and 55.
View Profile
IOL - dating
MissSanas28
I'm a 29 year old woman looking to meet men between the ages of 31 and 40.
View Profile
IOL - dating
LaniM
I'm a 32 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 31.
View Profile