Gallo Images
USITHEMBISO Dlamini eshaya ibhola ngesithende ngesikhathi iqembu lakhe libhekene neSantos eRichards Bay Sports Stadium ngoMeyi 23. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
ISIKHWISHIKHWISHI somdlali weThanda Royal Zulu uSithembiso “Last Number” Dlamini usefanise umdlalo wabo we-Absa Premiership Promotional/Relegation Play-offs neSantos e-Athlone Stadium ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku njengowamanqamu.
UDlamini oyihlikihla esiswini samaBhubesi uthe bazolwela ukufa nokuphila emdlalweni wangempelasonto.
“Umdlalo weSantos yiwona ozokhomba ukuthi akhona yini amathuba okuthi sinyukela ku-Absa Premiership ngesizini ezayo. Ithemba asililahlile kwazise lisekhona uma singakwazi ukunqoba umdlalo wangempelasonto engicabanga ukuthi uzoba nzima kakhulu,” kusho uDlamini.
Uthe: “Ukuhluleka ukucosha amaphuzu amathathu kulo mdlalo kungasho ukuphela ngathi kule midlalo.”
IThanda ibhekene nomqansa njengoba isilahle amaphuzu amahlanu kwayisithupha ekade iwadlalela kule midlalo yokuhlungela ukuya ku-Absa Premiership. Ithelwe othulini yiSantos ngo 1-0 yaphinde yadlala ngokulingana neChippa United ngo 1-1.
“URodgers uzoba yingozi ngoba bathembela kuyena isikhathi esiningi. Kuzomele simqaphe ngehlo lokhozi ngoba uma sike samyeka uzosibhubhisa,” kusho uDlamini.
Ngemuva kwalo mdlalo iThanda izokwamukela iChippa United eRichards Bay Sport Complex ngoLwesithathu kanti iSantos izovala neChippa ngoJuni 30. Ngemuva kwale midlalo iqembu eliqede lihlezi phezu lizonyukela ku-Absa Premiership.
“Abalandeli ngiyabathembisa ukuthi ngeke sibaphoxe. Abaphume ngobuningi babo ngoba sizobabusisa ngomphumela ogculisayo,” kuphetha uDlamini.
n Emdlalweni wama-play-offs obuse-Athlone Stadium, eCape Town, izolo ebusuku, iSantos idlale ngokulingana (0-0) neChippa United. ISantos isaqhwakele kwi-log yama-play-offs kuthi iChippa ilale isibili kanti iThanda isemsileni.
Ilog yeNFD Promotional/ relegations Play-offs:
Amaqembu P W D L Pts
Santos 2 1 1 0 4
Chippa 2 0 2 0 2
Thanda 2 0 1 0 1
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services