Advertisement

Sebehlonziwe ababulawe ngamaphoyisa emayini

INTATHELI YESOLEZWE

SEBEYAZIWA abasebenzi basemayini iLomnin, eMarikana, eNorth West abadutshulwe bafa ngesikhathi besesitelekeni ngoLwesine.

OWAYENGUMENGAMELI we-ANCYL, uMnuz Julius Malema, nowayengumkhulumeli walolu phiko, uMnuz Floyd Shivambu, ngesikhathi beyovulela amaphoyisa icala ngokubulawa kwabasebenzi bemayini yaseMarikana iLonmin izolo. Isithombe: Tiro Ramatlhatse

Laba basebenzi abangu-34 bamenyezelwe izolo nguNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli Jacob Zuma, uMnuz Collins Chabane, oqokelwe ukuhola ithimba longqongqoshe abajutshwe nguZuma ukuthi kube yibo ababhekana nendaba yalesi sibhicongo nalabo ababulewe kuso.

“Izidumbu zabo bonke laba abashonile zigcine zihlonziwe ukuthi ngezobani futhi badabuka kuphi kanti omunye wabo kutholakale ukuthi udabuka kwelinye lamazwe angaphandle,” kusho uChabane.

Laba basebenzi bashone ngeledlule belandela abanye abangu-10 okubalwa phakathi kwabo onogada namaphoyisa ashone ngaphambi kokuthi kube nesibhicongo sangoLwesine esidonse amehlo omhlaba.

Lesi siteleka simise yonke into kuleya mayini kangangokuthi nesimo sokubiza kwe-platinum siqalile ukuzwela ezimakethe zomhlaba njengoba le mayini yaseMarikana kuyiyo enkulu ekhiqiza i-platinum.

Abasebenzi kule mayini kuthiwa bebekhala ngamaholo befuna ukunyuselwa imali kusuka ku-R4 000 ngenyanga kuye ku-R12 500 ukuze bakwazi ukubhekana nezidingo zemindeni yabo.

Kumanje kunabasebenzi ababalelwa ku 260 ababoshiwe kanti bafuna ukuthola imvume enkantolo ukuze bakwazi ukuyongcwaba izihlobo zabo.

Laba basebenzi batholana namaphoyisa ngoLwesine kanti kukhalwa ngentelezi ababeyidlile okuyiyo okuthi-wa babekholwa wukuthi izokwenza amaphoyisa angababoni uma sebebhekene nawo .

UChabane uthe ikomiti longqongqoshe selihlanganile nabaholi bezenkolo bamahlelo ahlukene ukuze kukhulekelwe ukuthi simo eMarikana sibuyele kwesejwayelekile.

SHOW ALL
Advertisement