Sebewuhlomele ngengqephu uJulayi

Comment on this story
NO AFROJULY4 SANDILE MAKHOBA UMAMPINTSHA noDJ Cndo sebemi ngomumo ngoweVodacom Durban July.

SIZWE BLOSE

OSAZIWAYO baKwaZulu-Natal bathi asikho isidingo sokuphumela kwezinye izifundazwe uma ufuna umuntu ozokugqokisa ngesikhathi semicimbi emikhulu eyenzeka eThekwini, njengeVodacom Durban July.

USindisiwe Zungu owaziwa kakhulu ngo-DJ Cndo uthe ikhono likhona KwaZulu-Natal yingakho yena esebenzisa uZama Mathe weZarth Fashions.

“Okungenza ngisebenzise le ntokazi wukuthi iyawuqonda umzimba wami futhi yenza into engiyifunayo. Ngiyazi njengoba ingqikithi yeJulayi kulo nyaka ithi A Material World nami ngizofika nginjalo ngoba uyathunga uZama,” kusho uDJ Cndo ngokuzethemba.

Uthe uZama ubemgqokise emcimbini wamaSouth African Music Awards, kuzokube kungokwesibili emgqokisa ngoMgqibelo.

Ngokusho kukaZama, uCndo uzobe egqoke ingubo enhle kodwa engavezi umzimba wakhe ngendlela embi.

NO AFROJULY2 USIYETHEMBA Ngwenya ozogqokisa uMampintsha ngeDurban July. SANDILE MAKHOBA

“Uzobe emuhle, esesitayeleni futhi kubonakala ukuthi ungumuntu wesifazane osezingeni. Ingubo yakhe izokhombisa ukuthi ungumuntu wesifazane njengoba ejwayele ukufaka amabhulukwe nezigqebhezana. Ingubo engimenzele yona ngeyesimanje kodwa lokho akusho ukuthi izobe iveza umzimba,” kusho uZama.

Abesilisa abondlekile bazokujabulela ukuzwa ukuthi uma beya kwi-Vodacom Durban July nabo bangabukeka njengoba uMampintsha ezobe egqoke isudi enemibala egqamile.

Le sudi iveza ukuthi kwamukelwa ihlobo, uMampintsha uzoyidla nobhothayi lesudi kanti ibhulukwe azobe elifakile lizobe limbamba.

UMampintsha uzobe emodela etendeni le-Afro kanti lezo zimpahla azobe azikhangisa ngezikaSiyethemba (Siye) Ngwenya.

Uma umbona ngelanga lomcimbi uzobe esegqoke izimpahla ezithungwe nguSiza Mkhize wase-Hilton.

USiza uthe uMampintsha uzobe esethula indlela entsha abukeka ngayo njengoba esenciphe ngo-10kg.

NO AFROJULY1 UDJ Cndo nomgqokisi wakhe uZama Mathe. Izithombe: SANDILE MAKHOBA SANDILE MAKHOBA

sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.