Advertisement
X

Sebewuhlomele ngengqephu uJulayi

OSAZIWAYO baKwaZulu-Natal bathi asikho isidingo sokuphumela kwezinye izifundazwe uma ufuna umuntu ozokugqokisa ngesikhathi semicimbi emikhulu eyenzeka eThekwini, njengeVodacom Durban July.

USindisiwe Zungu owaziwa kakhulu ngo-DJ Cndo uthe ikhono likhona KwaZulu-Natal yingakho yena esebenzisa uZama Mathe weZarth Fashions.

UMAMPINTSHA noDJ Cndo sebemi ngomumo ngoweVodacom Durban July. Credit: SANDILE MAKHOBA

“Okungenza ngisebenzise le ntokazi wukuthi iyawuqonda umzimba wami futhi yenza into engiyifunayo. Ngiyazi njengoba ingqikithi yeJulayi kulo nyaka ithi A Material World nami ngizofika nginjalo ngoba uyathunga uZama,” kusho uDJ Cndo ngokuzethemba.

Uthe uZama ubemgqokise emcimbini wamaSouth African Music Awards, kuzokube kungokwesibili emgqokisa ngoMgqibelo.

Ngokusho kukaZama, uCndo uzobe egqoke ingubo enhle kodwa engavezi umzimba wakhe ngendlela embi.

“Uzobe emuhle, esesitayeleni futhi kubonakala ukuthi ungumuntu wesifazane osezingeni. Ingubo yakhe izokhombisa ukuthi ungumuntu wesifazane njengoba ejwayele ukufaka amabhulukwe nezigqebhezana. Ingubo engimenzele yona ngeyesimanje kodwa lokho akusho ukuthi izobe iveza umzimba,” kusho uZama.

Abesilisa abondlekile bazokujabulela ukuzwa ukuthi uma beya kwi-Vodacom Durban July nabo bangabukeka njengoba uMampintsha ezobe egqoke isudi enemibala egqamile.

Le sudi iveza ukuthi kwamukelwa ihlobo, uMampintsha uzoyidla nobhothayi lesudi kanti ibhulukwe azobe elifakile lizobe limbamba.

UMampintsha uzobe emodela etendeni le-Afro kanti lezo zimpahla azobe azikhangisa ngezikaSiyethemba (Siye) Ngwenya.

Uma umbona ngelanga lomcimbi uzobe esegqoke izimpahla ezithungwe nguSiza Mkhize wase-Hilton.

USiza uthe uMampintsha uzobe esethula indlela entsha abukeka ngayo njengoba esenciphe ngo-10kg.

SHOW ALL
Advertisement