UMHLAZIYI: Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: VW Amarok Double Cab
NGIVUMELANA ngokugcwele nabakwa VW uma bethi selokhu yethulwa ngoSepthemba 2010 iVolkswagen Amarok Double Cab ifike yabeka ezingeni lesimanje umkhakha wezimoto ezingamaveni amancane ilight commercial vehicles (LCV) kuleli. Ngesikhathi sibhala lolu daba isibalo zakamuva zokudayiswa kwama Amarok Double Cab kuleli bezimi ku 7 200, okungenzeka ukuthi sesinyukile kulezi zinsuku ezedlule.
Ngokwami lesi sibalo sincane kakhulu futhi sifakazela khona ukuthi iHilux double cab isabamise kabi.
Ngiyathemba ukuthi uyazibuza uyaziphendula ukuthi kungani sikutshela ngale-Amarok ngoba akuyona imoto entsha.
Okwenza sikubelesele ngayo ukuthi sekukhona ezintsha engicabanga ukuthi abantu yizona abazibheka kakhulu ezimotweni.
Le Amarok Double Cab asenyusiwe amandla enjini kuyo njengoba lena enenjini engu 2.0 BiTDI isinamandla enjini afinyelela ku 132kW .
Le njini itholakala ne common rail direct injection ne bi-turbo. Itorque etholakala kuyo isifinyelela ku 400 Newton-meter, lokhu kusho ukuthi banyuse amandla ngo 12kw.
Uzolindela ukuthi uma injini isinamandla amangaki imoto izodla nakuphethiloli kanti phinde ngebanga lika 100 km isebenzisa amalitha angu 7.9. Angijwayele ukuvumelana nezilinganiso zezinkampani zezimoto ngoba zona zisuke bevivinya imoto ngendlela ethile ngoba vele inhloso yabo kusuke kuwukuveza ukonga kwayo.
Lena enenjini eyi 4 Motion yona isebenzisa amalitha angu 8.0 ngebanga lika 100km okuwumehluko omncane kakhulu. Uma usuka ku 0 uya ku 100km/h kuthatha imizuzwana engu 10.3, kanti kwi 4x2 kuthatha imizuzwana engu 10.6 ngebanga elifanayo. Ijubane eliphezulu kulezi zimoto ligcina ku 184km/h bese kuthi kwi 4Motion kube ngu 183km/h.
Enye injini yesibili kwi-Amarok Double Cab yi TDI 4 cylinder enamandla afinyelela ku 90kW ne torque engu 340Nm.
Noma kuyingqovungqovu kodwa uzomangala ukuthi kuphethiloli idla nje amalitha angu 7.7 ngebanga lika 100km (isebenzisa udizili). Ijubane layo eliphezulu ligcina ku 163km/h.
Yinye kuphela injini esebenzisa uphethiloli okuyi 2.0 TSI enamandla afinyelela ku 118kW ne-torque engu 300 Newton-meter. Zonke izinhlobo ze-Amarok double cab ziphuma no gearbox odonsa ngamagiya ayisithupha aya phambili. Njengoba ngike ngasho esingenisweni sami i-Amarok ifike yashintsha izinto, kanti nakwa VW bayavumelana nami. Le veni isezingeni eliphezulu uma kubhekwa kwezobuchwepheshe noma uyiqhathanisa nezinye emakethe yezimoto. Bheka ngoba iturbo charged direct injection kwinjini ye TDI yenza le moto ikwazi ukonga uphethiloli ngendlela engakholakalali.
Ngaphandle kokukhuluma kakhulu ngobuxhakaxhka benjini, i-Amarok iyawathatha amehlo ikakhulukazi indlela eyakheke ngayo ngaphambili. amalambu ayo ne grille okungathi kwakhelwe khona emotweni.
Ukuphakama kwayo ukubona kahle emgwaqeni uma ufike wasondela eduze kwe Toyota Hilux eyishiyela le kude.
Ngemuva uphawu lakwa VW oluthe chwa angeke nangengozi ulenze iphutha ungakwazi ukulibona. Lolu phawu uyakwazi ukulibona nasebusuku ukuze nomuntu okulandela ngemuva asheshe ayibone imoto.
ISIKHALA SOKULAYISHA
Ngocwaningo lwami olufushane engilwenzile, ngithole ukuthi baningi abantu abathenga i-Amarok ngoba bengahlose ukuyisebenzisela imisebenzi yokuthutha nokuthwala impahla kodwa benzela ukuzingcebelekela ngayo.
Isithebe ngemuva singu 1 555 millimetres ubude bese siba ngu 1 620 millimetres ukuvuleka. Indawo yokulayisha ingu 2.52 square meters okusho ukuthi ungakwazi ukufaka isithuthuthu sasezintabeni uma nizikhipha nomndeni.
ngikhuluma ngokubaluleka kwesithebe sayo nje yingoba ngiqaphele ukuthi iningi le genge yakithi ihlale njalo isivalile isithebe ngoba ayisisebenzisi isikhathi esiningi. Njengoba kuyiveni nje ulindele ukuthi uhambe ngayo ezindaweni ezimbi nasemigwaqeni ewugwadule yilapho kusebenza khona ibhathini eliqinisekisa ukuphepha elibizwa nge “Off-Road Mode” elenza ukuthi imoto yehlise ijubane uma isihambe emigwaqeni emibi.
SIYASONGA NGE AMAROK DOUBLE CAB
Thenga i-Amarok uyisebenzisele ukungcebeleka nomndeni wakho futhi iyakwazi nokuthwala impahla. Akuyona imoto okumele uyenze umhlobiso lena.
AMANANI
Trendline
Amarok Double Cab 2.0 TSI 118kW R313 500
Amarok Double Cab 2.0 TDI 90kW R341 700
Amarok Double Cab 2.0 TDI 90kW R391 900
Highline
Amarok Double Cab 2.0 BiTDI 132kW R375 100
Amarok Double Cab 2.0 BiTDI 132kW R425 300
I-Amarok iphuma ne warranty yeminyaka emithathu emuva kuka 100 000km ne -service plan ka 90km emuva kweminyaka emihlanu.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services