LUNGI LANGA

SEBEZOHLAWULISWA abazali abahluleka ukubhalisa izingane zabo uma zisanda kuzalwa.

UMnyango wezaseKhaya uthi uzimisele ngokubeka umthetho ozohlawulisa abazali abaqeda inyanga bengazibhalisile izingane zabo.

Lokhu kuvezwe yiPhini likaNgqongqoshe walo Mnyango uNkk Fatima Chohan ngesikhathi evakashele ezinye zezibhedlela zaseGoli ezoqwashisa ngokubaluleka kokubhalisa izingane zabo.

Uthe kubalulekile ukubhalisa izingane zabo ohlwini olukhombisa isibalo sabantu baseNingizimu Afrika yonkana.

UNkk Chohan uthe aseqalile amalungiselelo yokufaka uhlelo lokuhlawulisa abazali abahlala kuze kuphele inyanga bengazibhalisile izingane zabo ezisanda kuzalwa.

“Imigomo ehambisana nalolu hlelo izomenyezelwa ekupheleni kwale nyanga,” kusho uNkk Chohan.

Uthe nenhlawulo abafuna ukuthi ikhokhwe abazali iyakucacisa ukuthi uhulumeni uyithathela phezulu indaba yokubhaliswa kwezingane.

“Sifuna abazali baqikelele ukuthi babhalisa izingane zabo ingakapheli inyanga zizaliwe. Yingakho siletha uhlelo lokubahlawulisa,” kuqhuba uNkk Chohan.

Uthe bazimisele ngokusebenzisa lolu hlelo ukuze kuliwe nokwanda kwezipoki nokuntshontshwa kweminingwane yomuntu.

IPhini likaMqondisi-jikelele kulo Mnyano kuzwelonke, uMnuz Vusi Mkhize, uthe abantu kumele baqonde ukuthi kubaluleke kangakanani ukubhalisa izingane.

“Uhulumeni akabe esakwazi ukwenza izinhlelo ezifanele zokusiza amalungu omphakathi uma engazi ukuthi bangaki abantu abahlala kuleli,” kusho uMkhize.

Uthe basenza izinhlelo ngenhlawulo kepha kungenzeka abantu ababhalisa izingane emuva kwesikhathi bagcine bezikhokhela izitifiketi zokuzalwa. Uthe uma kuqhubeka isikhathi eside kakhulu umzali engabhalisile kungagcina sekudingeka ukuthi athole incwadi emaphoyiseni eqinisekisa ukuthi ingane ngeyakhe ngempela.

Uthe bafuna ukuqeda ngobugebengu obenziwa ngezitifiketi ngoba kunabantu ababoleka izingane zabantu ngoba befuna ukubhalisela iqolo.

UMkhize uthe izibalo zika-2011 no-2012 zikhombisa ukuthi u-49% wabazali awuzibhalisi izingane ngesikhathi.