MINENHLE MKHIZE noMTHOKOZISI MNCUSENI
USIHLALO omusha weMpumalanga Black Aces, uJohn Comitis, ubhoboke okokuqala ngamahebezi okumataniswa kuwona umqeqeshi waMazayoni, uMuhsin Ertugral, ne-Orlando Pirates okuvela ukuthi isiqede konke naye.
Inkontileka ka-Eric Tinkler neZimnyama iyaphela ekupheleni kukaJuni. Ekuqaleni kwesizini uTinkler unikwe inkontileka yonyaka owodwa ehambisana nombandela wokuthi yelulwe ngomunye unyaka uma abaphathi beneme ngomsebenzi wakhe.
UTinkler uqede isizini eshwiba izandla. Izolo kuputshuke amahebezi okuthi iPirates isisemaphethelweni ezingxoxo no-Ertugral ngenhloso yokuthi azothatha isikhundla sokushayela umkhumbi wamaBhakabhaka.
Ngesikhathi Isolezwe libuza uComitis ngalezi zindaba uvele wathi u-Ertugral nguyena okufanele amemezele uma kuwukuthi uyocija iPirates.
“Angiyazi into enjalo. Njengamanje uMuhsin useTurkey futhi kusanezinto ezithinta iqembu asadla amathambo engqondo ngazo.
“UMuhsin unenkontileka yonyaka owodwa neqembu. Ngicabanga ukuthi uma eya kuPirates nguyena okufanele amemezele lezo zindaba ngoba thina asizazi. Yebo inkontileka yakhe inemibandela kodwa ngicela ukuthi ngime lapho,” kusho uComits.
IBucs ibimataniswa noStephen Keshi, odlule emhlabeni ngesonto eledlule. Izingxoxo phakathi kwaleli qembu noKeshi kuvela ukuthi bese zikuvuthondaba.
UFloyd Mbele, oyisikhulu esiphezulu kuPirates, ethintwa ngamahebe-zi amatanisa u-Ertugral neZimnyama uthe: “Hhayi, hhayi, ngeke. Angiyazi leyo nto ongibuza ngayo. Njengamanje thina sisadingida umbiko wesizini kaTinkler. Singafuna kanjani umqeqeshi omusha sisadingida umbiko womqeqeshi? Izicelo zabafuna umsebenzi wokucija iPirates zikhona ziningi. Lena yinto ejwayelekile. Inyanga nenyanga sithola izicelo ezingaphezu kwezimbili. Nangesikhathi kusekhona uRuud Krol sasithola inqwaba yezicelo. Namanje kunjalo, akukho okushintshile. Eqenjini elinjengeBucs yinto esibhekana nayo nsuku zonke le.”
Uzanyiwe u-Ertugral enombolweni yakhe ayisebenzisa uma ekuleli kodwa yangangena njengoba ephesheya.
Ngesikhathi kuvela amahlebezi okuthi u-Ertugral uya eMayfair, kuqhamuke nokuthi uGordon Igesund uyena ozovala indawo yakhe ku-Aces esizothuthela eKapa.
Nokho u-Igesund uzihlangulile ngesikhathi ethintwa yileli phephandaba.
“Ngiyavuma ngiseKapa impela kodwa lokho akusho ukuthi ngilethwe wumsebenzi. Yebo ngiyawufuna wona kodwa okwamanje ngisabheke e-Afrika. Kunamaqembu esizwe engixoxa nawo. Kusemqoka ukuthi ngikubalule ukuthi uma uqhamuka umsebenzi engiwubona sengathi uyilokhu engikufunayo ku-PSL, nakanjani ngizowugxu-mela. Yisebholeni la ngakho akufanele ushaye phansi ngonyawo, kodwa okwamanje angikaze ngixoxe noComitis. Ilokhu ngamgcina ngiseku-Ajax,” kusho u-Igesund.
Abazazi kangcono ezika-Ertugral bathi uyile eKapa, kodwa ukungavumelani noComitis ngoPatrick Mabedi (iphini lakhe), Elsa Storm (ojimisa abadlali) noCollins “Ntofontofo” Mbesuma yikhona okuphazamise izingxoxo.