Advertisement
X

Sekumi ngomumo koweDurban July

BONISWA MOHALE

ABAHLELI bomjaho wamahhashi omkhulukazi kuleli i-Vodacom Durban July bathi sebelinde uMgqibelo kwazise wonke amalungiselelo ahamba kahle.

UMSIKO kaBrendon Brett owenziwe ngamaphepha-ndaba okubalwa kuwo Isolezwe, uzobe ukhangiswa embukisweni wemfashini ozoba seGateway ngoLwesihlanu. Umkhangisi ngu-Octavia Khoza we-Ice Models. Isithombe : ZANELE ZULU

Izolo abasingathi balo mjaho, i-Gold Circle bathe sebelindele abantu abangu-50 000 abazobe bese-Greyville Racecourse bezobona imfashini ezobe idla lubi namahhashi asuke ebhekwe ngabomvu ngamaphanta.

Kulo nyaka amaphanta athipha u-Jackson ukuba nguye ongase athathe isiteki sika-R3 million esibekelwa umjaho omkhulu wakwaVodacom.

Leli hhashi lika-Brett Crawford lineminyaka emithathu kanti ngokusho kwamaphanta maningi amathuba okuthi liwine ngoba liselincane.

Amaphanta athi amahhashi agijima kahle yilawo aneminyaka esuka kwemithathu kuya kwemihlanu kanti uma eseneminyaka eyisithupha avame ukwehlelwa yijubane.

Kuye kwenziwa isibonelo ngehhashi elaliwina yonke imijaho elingena kuyo u-Pocket Power elithathe umhlalaphansi selineminyaka eyisishiyagalombili.

Isangoma sithiphe uSmanjemanje njengahhashi elizohamba phambili kulo mjaho kanti amaphanta athi mancane kakhulu amathuba okuthi leli hhashi elineminyaka emihlanu lihambe nalesi sicoco.

Ngaphandle kwamahhashi i-Vodacom Durban July izokwandulelwa ngumbukiso wemfashini ozoba seGateway ngoLwesihlanu.

Abasiki bengqephu abazobe bekhangisa ngo-Leigh Schubert, Gideon, David Tlale, Zama Mathe, Suzaan Heyns noBrenda Quinn.

Kuzobuye kube khona abasiki bengqephu abasakhula abazokhangisa ngezimpahla zabo okubalwa kubo oLungelo Zondo, Senzo Ngcamu, Thulani Mnguni, Kujula Mntambo, Thiran Moodley noSandile Mngadi.

Kuzobuye kukhangiswe ngengqephu eyenziwe ngemfucuza ngaphansi kwendikimba ethi A Material World.

Umphathi wohlelo kuzobe kungumsakazi we-5FM, uPoppy Ntshongwana, ngemuva kwawo kulandele ikhonsathi yamahhala edidiyele abasakazi be-5FM.

Abasakazi be-5 FM bazobe besakazela eGateway kanti kulindeleke ukuthi abantu bawine amathikithi okuya kwi-Vodacom Durban July nokuhlala izinsuku ezimbili eGateway Hotel.

n Isolezwe liphisana ngamathikithi amahlanu okuya emjahweni, uma ufuna ukuzibeka ethubeni lokuwina lo mncintiswano thumela i-sms ebhalwe ukuthi VDJ ku-33963, kusukela ngo-6 ekuseni namuhla kuze kube kwamabili.

Ababe senhlanhleni bazokwaziswa ngocingo.

SHOW ALL
Advertisement