Sekumi ngomumo ngoMkhosi woMhlanga

Comment on this story
NO_umkhooosi0 ING KUTHIWA akukho okuzophazamisa izintombi-nto ukuba zishikile kanjena eMkhosini woMhlanga ozokuba sesigodlweni seSilo, eNyokeni, KwaNongoma ngempelasonto

SIZWE BLOSE

ABOMNYANGO wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal bathi akukho okuzophazamisa uMkhosi woMhlanga ozokuba sesigodlweni seSilo, eNyokeni, KwaNongoma ngempelasonto.

UMnuz Mluleki Mntungwa okhulumela lo Mnyango, uthe zonke izinhlelo sezimi ngomumo, sebelinde izintombi ukuthi zitheleke ngezinkani eNyokeni.

“Sizokhipha amabhasi angu-74 azoqoqa izintombi kanti omasipala nabo bathembise ukuthi bazokhipha amabhasi ukuze izintombi zingabi nankinga ukuya eMhlangeni,” kusho uMtungwa.

Uthe ezokuphepha zizokube ziqinile. Abazobe beze ngokuzodelela kumele bangasondeli nakusondela esigodlweni ngoba kuzobe kukhona izinhlaka ezehlukene ezizobe ziqaphe ezokuphepha.

Uthe kuzobe kukhona abeRoad Traffic Inspectorate ukuqapha emgwaqweni nokulawula isiminyaminya sezimoto, amaphoyisa eSAPS azobe engawubambi umshini ikakhulukazi kulabo abazofika bedle amanzi amponjwana.

NO_ummkhosssi0 LEZI ngezinye zezintombi ezihambela uMkhosi woMhlanga ING

“Sikhulume namaphoyisa ukuthi aqinisekise ukuthi utshwala abungeni kanti nezigqoko zizokube zingadingeki,” kuchaza uMntungwa.

Uthe abosizo lokuqala nabo bazobe bekhona kwazise kubuye kushise kakhulu eMkhosini woMhlanga.

Uphinde waveza ukuthi amaphathi njengoba nawo ehambisana notshwala azobe engadingeki.

UMntungwa uthe balindele izintombi ezingaphezulu kuka-30 000 kanti okuya ngasethunjini zizokuthola, ngeke zibulawe yinkemane.

Uthe angakuqinisekisa ukuthi uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko, uNkk Ntombikayise Sibhidla-Saphetha, uzobe ekhona kulo mcimbi njengoba usingathwa yihhovisi lakhe.

Kodwa uthe akakabi naso isiqiniseko sezinye izicukuthwane zalo mcimbi njengoba iNdlunkulu nayo inezimenywa zayo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.