Sekuqothwa nabesifazane eShowe

Comment on this story
no ncemaneni INLSA UMnuz Mbongeni Khumalo oyinduna yaseNcemaneni eShowe okhala ngokuthi akasazi ukuthi kumele kwenziwe njani ukuze kunqandwe udlame oseluholele ekutheni kudutshulwe nabantu besifazane kuleya ndawo ISITHOMBE:SANDILE MAKHOBA

CELANI SIKHAKHANE noBONISWA MOHALE

SEKUPHELE ngisho imithandazo emphakathini wasesigodini saseNcemaneni eShowe ngenxa yokuqothwa ngenhlamvu kwabantu besifazane okungenisile osekuholele ekutheni kube nezingane eseziphenduke izintandane.

Lolu dlame kuthiwa sekunesikhathi lwaqala. Umsuka walo kube wumbango wokwebiwa kwemfuyo lapho kube nokusolana kwabantu bakhona esigodini saseNcemaneni ngaphansi kwezinduna ezahlukene okunguSithole noKhumalo.

Ngesikhathi lolu dlame luqala kuthiwa bekubulawa abantu besilisa kuphela kodwa manje izinto sezishintshile ngenxa yokuthi sekubulawa nabesifazane baqothwe ngenhlamvu emini kwa bha.

Kumanje kuvela ukuthi kusuka ngoJuni sekubulawe abantu besifazane abangaphezulu kwabayisithupha. Babulawa ngokudutshulwa besemakhaya, abanye besemasimini noma bebuya emngcwabeni. Amalungu omphakathi anxuse ukuba angadalulwa amagama awo ngoba esaba ukubulawa, aveze ukuthi abantu abaningi sebeqoke ukuthi bathuthe bahambe baye kwezinye izindawo ngoba isimo asisihle.

“Sikhuluma nje kukhona asebeboshiwe kodwa siyikhulumela phansi leyo ngoba imindeni yabo iyaveva, eminye ihlanganisa nemali yebheyili ukuze badedelwe okuyinto esiphethe kabi ngoba bayaphela abantu beqothwa ngenhlamvu. Ngikhuluma nje ngisho imithandazo asisayenzi ngoba sisaba ukuthi sizothi sisathandaza kuvele kufike laba bantu abenza lokhu basidubule sibulawe njengoba kwenzeka kweminye imizi. Ngaphandle kwalokhu, ukulethwa kwamaphoyisa aseMpangeni kuwenzile umehluko ngoba kukhona ababoshiwe kodwa lawa aseShowe abevele angenzi lutho uma ebizwa, kunalokho bekuthi uma esefika asitshele ukuthi asithelelane amanzi,” kusho omunye womama.

no ncemaneni23 UMNUZ Mbongeni Xulu owabulawelwa umkakhe phambi kwezingane zabo esigodini saseNcemaneni eShowe kanti akekho owaziyo ukuthi yini imbangela yalokhu kubulala okuqhubekayo INLSA

Uthe akusekho ukuthi kusebusuku noma kusemini, umuntu ubulawa noma nini.

UMnuz Mbongeni Xulu (54) osanda kungcwaba umkakhe uNokwazi, uMaMdletshe, uthe kwafika abantu emini bathola umkakhe eziphumulele kusofa ebuya emngcwabeni bavele bamdubula phambi kwezingane, washona.

“Angazi ukuthi yini lena engaka eyayingaze iholele ekutheni bambulale ngesihluku. Okuxakayo wukuthi akukho lapho okwake kwaba nesigameko sokusatshiswa noma sihlaselwe ekhaya ngisho nami uqobo bengingakaze ngibe sesimeni sokuthi ngiyazingelwa kodwa ngethuka kakhulu sengibona lokhu okwenzeke kumkami,” kusho uXulu.

Induna yendawo, uMnuz Mbongeni Khumalo, ithe sebefisa kutshalwe amaphoyisa azohlala ubusuku nemini ngoba isimo asisihle.

Iveze nokuthi lolu dlame luqalwe wukwebiwa kwemfuyo nayo okwayithinta ngoba yebelwa izinkomo eziyisikhombisa kodwa ikuqinisekisile ukuthi nakuba imfuyo kuyiyo eyaqala udlame kodwa lolu lwamanje ayazi ngempela ukuthi ludalwa yini nanokuthi laba bantu ababulawayo ngabe kuseyisizathu semfuyo yini.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.