INLSA
UTHI sekukhanya bha umculi wekwaito uBhar ozokhipha i-albhamu ekupheleni kukaMashi ngaphansi kwesitebele sodumo i-Afrotainment. Isithombe: DOCTOR NGCOBO
EMUVA kweminyaka engu-13 edunguza ebumnyameni umculi wekwaito uSfiso “Bhar” Mshengu (30) uthi manje sekukhanya bha njengoba ezodedela i-album yakhe yokuqala ngqa.
Nakuba usebala izinsuku njengoba ethembisa ukuyidedela ngoMashi 13, ubonga iBig Nuz noFisherman abamlanda eMelville, eGoli, bethi ikhono lakhe alingashabalali yinoma yikanjani ngoba basalidinga.
“Ekhaya bese beqala ukuphonsa ithawula bethi angibuye lapho ngikhona bazongishayela izincwadi zokushayela ngibe umshayeli wamatekisi okungcono,” kusho uBhar.
UBhar uzwakala ezingomeni eziningi zabaculi bakuleli okubalwa iBig Nuz (Stingray), DJ Sox (I hope u don’t mind), L’vovo (Original) noDJ C’ndo (Sidl’ u life).
Lo mculi owake wazibiza ngoSgem 1 kwanhlanga zimuka nomoya uthi ufunde lukhulu kule ndima yemzomculo. Phakathi kokunye wukuthi uma ungumculi akumele udidiswe wudumo oluncane olutholayo ngoba usheshe uphele endleleni.
Le nsizwa yaseMlazi kwa-D ithe bazobhema bakholwe abathandi bomculo njengoba isebenze nezinkakha kule albhum ebizwa ngeMorning Bang, nebophele izingoma ezingu-14.
Ubesho eqhosha ngo-Oskido, DJ Tira, Big Nuz, Zakwe, Shota, kanye noNokwazi ocula neBrothers of Peace engomeni ethi Wamuhle.
Enaba kabanzi ngokungalindeleka kule album azoyikhipha ngaphansi kwe-Afrotainment kaDJ Tira uthe abantu bazothola izingoma zokuzijuxuzisa, ezinomoya wokholo, ezithinta amadlozi, ezikhuthaza abantu abasebunzimeni kanye nezothando.
|
|
mxolisi, wrote
Showing items 1 - 1 of 1
Services
Comment Guidelines