Seliku-IPID ‘elobulawe yiphoyisa eMphithi’

Comment on this story

NONTUTHUKO NGUBANE

Ebika eseMgungundlovu

UMNDENI womfana odutshulwe yiphoyisa washona ufuna lijeze ngesenzo salo “sobulwane” ngoba ukholwa wukuthi ubengenacala.

UMlindeli Ngcobo (15) waseTailors eGobongweni ushonele esibhedlela e-Edendale ngoMgqibelo emuva kokudutshulwa yiphoyisa lesifazane okuthiwa belisola ukuthi ufuna ukuduna imoto yalo.

Ngesikhathi edutshulwa uMlindeli ubehamba ngemoto yakubo okuthiwa ubejwayele ukuyishayela.

Lesi sigameko senzeke ngasesi-koleni eMzamweni ngakwaVulisaka eduze komuzi wakwaNgcobo.

Uyise walo mfana uMnuz Abel Ngcobo obezwakala ukuthi ukhathazekile uthe ingane yakhe ibiziyela ekhaya nezingane zakubo, ibingaduni moto yamuntu.

“Iphoyisa silifuna liboshiwe, ungayibulala kanjani ingane ingenzanga lutho? Ingane eneminyaka engu-15 kuphela nje,” kusho uNgcobo.

Elanda uthe naye ufike sekuvele konakele, umfana esephuthunyiswe esibhedlela ngumfowabo ngoba iphoyisa lalile ukuba kuyiwe esibhedlela.

“Ubengafuni ingane iyiswe esibhedlela, ubefuna ifele khona lapho. Umfowabo uze wamthatha ngenkani uMlindeli,” kusho yena.

UMlindeli kuthiwa ubesuka KwaMpumuza ebheke ekhaya nezingane zakubo eziyisithupha emotweni kubalwa nengane encane ebigoniwe.

Ozibonele uthe bekukhona iloli ebelihamba ngaphambi kwalezi zimoto kulandele iphoyisa bese kuba yimoto ebishayelwa nguMlindeli ngemuva.

Imoto yalo mfana ithinte eyephoyisa kancane, kwasuka uthuli.

Iphoyisa liphume emotweni, noMlindeli waphuma ukuze baxoxe.

Ngokusho kodadewabo kaMlindeli abebehlezi emotweni ngaleso sikhathi, umufi ucele ukuba baye amaphoyiseni ukuyovula icala kodwa lanqaba iphoyisa.

Ngesikhathi esebuyela emotweni uMlindeli kuthiwa iphoyisa likho-khe isibhamu lamdubula ekhanda.

Abomndeni wakhe bathi ubengajwayele ukunikwa imoto nakuba ubekwazi ukushayela.

Amaphoyisa ngeSonto abike ukuthi leli phoyisa livule icala lokuzama ukudunwa kwemoto yalo, kwabe sekuvulwa nelokuzama ukubulala nelishintshe laba elokubulala emuva kokushona kukaMlindeli.

Lolu daba seludluliselwe kwabe Indipendent Police Investigative Directorate (IPID) ephenya amacala abhekene namaphoyisa.

UMoses Dlamini okhulumela i-IPID uthunyelwe imibuzo nge-email, okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.