UMNGANI kaMandoza akhula naye becula ndawonye, uSphiwe “General GTZ” Sibisi, uthe balahlekelwe kakhulu ngokushona kwakhe ngoba ube yinkosi yomculo.
UGeneral usesele yedwa emalungwini eqembu ababecula kulo iChiskop elabe libunjwe nguye, uMandoza, uSibusiso “Bless” Thanjakwayo noSizwe “Lollipop” Motaung.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eSoweto Theatre izolo, uGeneral uthe umngani wakhe ubethanda ukuthi uma yonke into iqalwa acele ukuthi kuthandazwe.
“Umuntu osiphethe la wuMdali futhi yintando yakhe njengoba kunje.”
Uthe balahlekelwe yiqhawe laseNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.
“Ngikhule nayo le ndoda sijima nayo senza ama-gymnastics. Ama-gymnastics abengenziwa ekasi kodwa abenziwa ngabelungu kuphela. Besidlala ibhola, kuningi esikwenzile.”
Uthe baye phesheya e-Italy, e-England nakwezinye izindawo.
“Silahlekelwe okwangempela. Bakhona abaculayo njengami kodwa loya mfowethu ubeyinkosi.”
Uthe ubesebheke ukuyonandisa ekhonsathini yokukhumbula uBrown Dash ehlelelwe ukuba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo.
Ubengakwazi nokukhuluma kahle ekhala.
ULucky Cele, oyilungu leqembu lowokholo i-Avante, uthe kunzima ukuhamba kukaMandoza ngoba ubesanda kumtshela ngezinhlelo zabo zokugubha iminyaka ewu-25 futhi befuna naye ahlanganyele emgubweni.
I-Avante, Mandoza noRingo bake benza ingoma phambilini ethi Jerusalema eyayiku-albhamu ethi Godoba.
“Sazana naye kudala ngaphambi kokuthi azimele. Sasisenkampanini eyodwa naye i-EMI futhi sasisondelene. Silahlekelwe kakhulu embonini yomculo ngoba ubehlukile. Kulimalekile. Angizange ngikholwe uma ngithola ucingo lukaGeneral.”
Umchaze njengomuntu ophansi futhi obengazithathisi okomuntu odumile.
“Ubenezeluleko ezinhle. Ngiyambonga ukuthi athi esemncane enjalo ushadelwe futhi waze wahamba engahlukanisanga. Kukhombisa ukuthi ubenothando kangakanani. Ubethi thanda abantu ngisho bengakuthandi. Kodwa-ke uNkulunkulu unohlelo lwakhe ebesingeke sikwazi ukuliphikisa. Ihambile indoda, iyohlangana namanye amaqhawe phambili uSizwe noSbu.”
Imiyalezo yenduduzo ibilokhu ingenile nayizolo ivela ngisho nasemaqenjini epolitiki okubalwa kuwo i-ANC ne-EFF. Abanye bebedlulisa imiyalezo yabo ezinkundleni zokuxhumana nasemisakazweni.