Advertisement

Selizofezeka iphupho likaHotstix

ISIYAKHANYA indlela ebheke enyuvesi kumculi wakuleli we-afro jazz oyisihlabani osanda kuphothula izifundo zikaMatric.

USipho “Hotstix” Mabuse (61) usebheke enyuvesi ukuyoqala izifundo ze-Anthropology (ngabantu, amasiko nezinkolelo) njengoba ngeledlule ethole imiphumela kaMatric.

024-At age 60 music icon Sipho "Hotstix" Mabuse decided to go back school and finish his matric, he plan to study anthropology next year.02.02.11Picture:Dumisani Dube. Credit: INLSA

Lo mculi, ohlonishwa nakwamanye amazwe, ubuyele esikoleni ngemuva kokushiya phakathi isikole wagxila emculweni. UMabuse wodumo lokudlala imfiliji uthole imiphumela yezifundo abezenza kulo nyaka okukhona kuzo iHistory, Geography neBusiness Economics. Ngokuphumelela kwakhe uhalaliselwe ngabaningi okubalwa kubo noMengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma.

“Egameni likahulumeni nabantu bakuleli sifisa ukuhalalisela uMabuse ngokuphumelela kwakhe esenale minyaka. Uyisibonelo esihle kithina sonke ngokusikhumbuza ukuthi imfundo ayikhulelwa. Sikufisela okuhle kodwa,” kusho uZuma. Emasontweni amabili edlule uMabuse wavuka wabhala enkundleni yezokuxhumana, i-Twitter ukuthi: “Isonto elisha okungenzeka izinto ezintsha kulo kodwa uma unomqondo osabalele. Namhlanje ngithola imiphumela yami kaMatric. Lo mfundi ujabule.”

Kodwa ukujabula kwakhe kwasheshe kwaphela kwazise wafika esikoleni wangayithola imiphumela njengoba eze wayithola ngoJulayi 27.

Indlela kaMabuse isibheke enyuvesi njengoba atshela leli phephandaba ukuthi uma esewuphothulile uMatric uzokwenza izifundo ze-Anthropology. “Ngifisa ukwazi ngezemvelo, ngifunde ngamasiko abantu nangemvelaphi yomculo. Ukuze sibe yisizwe esiphumelelayo kumele sihlome ngolwazi sifunde,” kusho uMabuse.

Uthishanhloko wasePeter Lengene Adult Basic Education Training School, efundelwa eThaba Jabula Secondary School, eSoweto, uMnuz Japie Masombuka, uchazele Isolezwe uMabuse njengomfundi ohlukile kulabo aseke waba nabo esikoleni. “Asikaze sibe nomfundi onjengaye. Ukuba khona kwakhe kunikeze ithemba nabanye,’’ kusho uMasombuka.

SHOW ALL
Advertisement