Senyukile isibalo sabashone ememulweni

Comment on this story
no Ngud . UMNUZ Willies Mchunu eMankwanyaneni, eNgudwini eShowe kudingidwa udaba lokubulalana kwabantu kule ndawo

BAWINILE NGCOBO

SESENYUKE safinyelela kwabayisithupha isibalo sabashone ngenxa yesehlakalo sokuhlasela eMankwanyaneni, eShowe ngempelasonto.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba liqinisekisile ukuthi kushone omunye obelaliswe esibhedlela eNgwelezane izolo okuthiwa wayehamba nequlu elahlasela.

Igama loshonile belingakadalulwa kuze kwaziswe izihlobo.

Esehlakalweni sangoMgqibelo kwashona oMnuz Khulekani Luthuli, Sfiso Luthuli, Maqhinga Mthethwa, Sphiwe Mthethwa noHlanganani Mgenge okuthiwa babehamba nebutho elalihlasela.

Ababekhona kwenzeka lesi sigameko bathi ababehlasela, bagcina sebedubulana bodwa yingakho kwagcina kushone bona.

UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal uthi kuzogcina kutshalwe amasosha eNgudwini, eShowe uma kuwukuthi ukuhlaselana kwabantu akunqandeki.

UMnuz Willies Mchunu ehambisana noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLt General Mammonnye Ngobeni, nabaholi bakule ndawo nomphakathi babe nomhlangano ngoMsombuluko emuva kwesigameko sokufa nokulimala kwabantu ngesikhathi kuhlaselwa umuzi wakwaKhuzwayo lapho kwakunomemulo khona ngoMgqibelo.

Okhulumela uMchunu, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe uma kungapheli lokhu kubulalana kwabantu eNgudwini, uMchunu uzoxhumana noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke ukuze acele ukuthi kube ngamasosha aqapha isimo.

“Izimpi zakule ndawo zindala futhi azipheli. Kuthi noma kubonakala ukuthi amaphoyisa asezinqandile kodwa kube khona abantu abavele bayiqale phansi,” kusho uNcalane.

Uthe inkinga wukuthi le ndawo inamagquma nezintaba okwenza kungabi lula ukuthi kufinyeleleke kalula kuyo.

“Sitholile ukuthi namaphoyisa ayakhala ngobubi bomgwaqo okwenza ukuthi kube nzima uma esebiziwe ukuthi afinyelele kwezinye izindawo. Nomphakathi uyakhala ngokuthi noma kushoniwe awukwazi ukuyisa izidumbu emakhaya noma zilandwe njengoba nalaba abashone ngempelasonto izidumbu zabo zilandwe ngendiza enophephela emhlane,” kuchaza uNcalane.

Uthe uMnyango uzobheka ukuthi ingalungiswa kanjani indaba yomgwaqo wakule ndawo ukuze kube lula ukuthi kufinyeleleke kubantu uma kukhona okwenzekayo.

UNcalane uthe bafuna ukuthi kususwe zonke izibhamu ezikuleya ndawo ngoba kuyabonakala ukuthi noma ezinye sezashaqwa ngamaphoyisa phambilini kodwa ziseningi ezisaphathwa ngamlungu omphakathi.

UColonel Jay Naicker wamaphoyisa esifundazweni uthe bathungatha okuthiwa wayehola ibutho elalizohlasela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.