.
UMNUZ John Slater woMnyango weMfundo ePhakeme noMnuz Mduduzi Chiyi weNehawu ngesikhathi kwethulwa izikhalazo zabafundi nabasebenzi baseCoastal KZN FET College ngoLwesihlanu
LUNGI LANGA
KUME ukusebenza nokufunda ekolishi lokucija ngamakhono elihaqwe yizinkinga, iCoastal KZN FET College KwaMakhutha ngesikhathi abafundi nabasebenzi bebhikisha befuna kuxoshwe abaphathi bekolishi.
Abafundi nabasebenzi baleli kolishi babhikishe emagcekeni ekomkhulu lekolishi KwaMakhutha nokungesinye sezikhungo zalo befuna ukuthi kuxoshwe abaphathi.
Bethula izikhalazo zabo kobemele uMnyango weMfundo ePhakeme, uMnuz John Slater, bathe bafuna obambe izintambo zokuhola leliya kolishi uMnuz Pencius Tigere asuswe esikhundleni ngenxa yokungahambi kahle kwezinto kulo.
Abafundi bakhala ngezokuphepha njengoba bethe abanazo izigqebhezana ezitshengisa ukuthi bangabafundi bakuleli kolishi.
Bathe lokhu kwenza kube lula ukuthi kungene noma ngubani azenze umfundi ngoba uma bengena emagcekeni esikole abavezi lutho olukhombisa ukuthi bafunda khona.
ABAFUNDI nabasebenzi baseCoastal KZN FET College bebhikishela iziphathimandla zakuleli kolishi. Izithombe: PATRICK MTOLO
INLSA
Baqhube bathi imitapo yolwazi yazo zonke izikhungo zekolishi iyashaqisa ngoba ezinye azinamakhompyutha lapho kukhona wona abafundi babuye bangavunyelwa ukuthi bawasebenzise.
Ohola inhlangano emele abafundi kuleli kolishi, uMfundo Mokoena, uthe okunye okubamangazayo ukuthi abaphathi bekolishi bakhetha ukwakhela abasebenzi izindlu zokuhlala esikhungweni salo, ekubeni amagumbi okufundela engenele. Uthe kulesi sikhungo abafundi baba ngu-50 egunjini elilodwa.
Nabasebenzi bathe bakhathele ubuholi baleli kolishi njengoba beveze ukuthi kunezinkinga abalokhu batshelwa ukuthi ziyadingidwa kusukela ngonyaka odlule.
Omunye wabasebenzi ocele ukungalisho igama lakhe, uthe ngonyaka odlule babe nemibhikisho engaphezu kwemithathu lapho bekhala ngokuphathwa kwekolishi. Uthe ezinye zezinto abazifunayo ukuthi kuphenywe ngenkohlakalo nangokusetshenziswa kwezimali kuleli kolishi.
UMnuz Mduduzi Chiyi weNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) uthe banikeza uMnyango weMfundo ePhakeme izinsuku ezingu-14 ukuthi wenze umnyakazo ozoholela ekutheni kuhlangatshezwe izikhalazo zabasebenzi nabafundi.
“Sivumelene ngokuthi ukusebenza kuzoqhubeka njengokujwayelekile ngesikhathi silinde ukuzwa impendulo yomnyango ngezikhalazo zabasebenzi nabafundi,” kusho uChiyi.
ABAFUNDI nabasebenzi base Coastal KZN FET College bebhikishela iziphathimandla zakuleli kolishi Izithombe: PATRICK MTOLO
INLSA
UNksz Vuyelwa Qinga wakulo mnyango usanda kutshela Isolezwe ukuthi izinkinga zakuleli kolishi sebazisiwe ngazo futhi bayaziphenya.
Ngesikhathi amukela izincwadi zezikhalazo uSlater uthe bazobuyela kubafundi nabasebenzi zingakapheli izinsuku ezingu-14.
Services