INLSA
USIYA Msomi ongumhleli weUgu Jazz festival esithangamini sabezindaba uthi konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi wakusasa ePort Shepstone. Isithombe: GUGU MQADI
NOKUBONGWA PHENYANE
ABAGQUGQUZELI bendumezulu yomcimbi we-jazz, Ugu Jazz Festival ezobe sePort Shepstone kusasa bathi sebelinde usuku njengoba konke sekumi ngomumo mayelana nalo mcimbi.
USiya Msomi, weCyassound Events, uthe belindele abantu abaphakathi kuka-10 000 kuya ku-20 000 kulo mcimbi ozoqala ngo 10 ekuseni kuze kuyosa. Uthe kuzobe kunkanise amaphoyisa ophiko lwe-SAPS nenkampani yonogada abayiqashile.
Uthe ezokuphepha zizobe ziqinile, isiminyaminya sezimoto sizobe singabonwa nangokhalo ngenxa yezinhlelo esezenziwe.
“Abantu bazosebenzisa umgwaqo uMarine Drive baqhubeke baze bangene eMargate bese beyongena enkundleni okwenzelwe kuyo lo mcimbi.
Abantu abazofika ngo-N2, beqhamuka eThekwini nase-Eastern Cape, bazobona izimpawu emgwaqweni ezizobaholela enkundleni.
U-P 200 uzobe uhamba izimoto eziya endaweni eyodwa kuphela kanti Izotsha Road uzobe uvulelwe izakhamizi zaseGamalakhe,” kuchaza uSiya.
Uthe indawo yokupaka ingudedangendlale ngoba izokwazi ukupakisa izimoto ezingu-5 000.
“Uma sekugcwele kuzopakwa eSt Michaels bese abantu bethuthwa yizimoto mahhala. Abantu abathenge amathikithi okuhlala endaweni yezicukuthwane futhi abazobe bebhukhe emahhotela asebangeni elingu-15km ukusuka enkundleni, bazolandwa ngama-Shuttle,” kuchaza uSiya.
Uthe kuzoba nomshini wokukhipha imali kanti izinto eziningi kuzobe kudayiswa okokuthiba indlala ngaphakathi. UMsomi unxuse abantu ukuthi bazihlinzekele ngezinto ezifudumalayo njengoba isimo sezulu oGwini sijwayele ukuthi sishubise umnkantsha ngenxa yamakhaza.
Abakwa-South African Weather Service bathe kusasa lizoba lilihle kodwa ngezikhathi zantambama bangalindela amakhaza abuza ukuthi ungubo ngaki.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services