Shembe: Imantshi iphika ingcindezi

Comment on this story
no Ncwane1~3 INLSA U-ADVOCATE Lizwi Ncwane obeyiMantshi enkantolo eChatsworth uthi akashiyiswanga abaseThembezinhle emsebenzini ngenxa yecala abebemthwese lona lokugxambukela ezindabeni zebandla lamaNazaretha ebe eyiMantshi. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

THOKOZANI NDLOVU

UHLANGOTHI lwaseThembezinhle ebandleni lamaNazaretha luthi usenga ezimithiyo u-Advocate Lizwi Ncwane obeyiMantshi enkantolo eChatsworth noyilungu eliqavile laleli bandla ohlangothini lwaseBuhleni ngokuthi ingcindezi ayithole kozakwabo kwezomthetho iyona emphoqe ukuthi asule emsebenzini.

UMnuz Nkululeko Mthethwa okhulumela abaseThembezinhle uthe uNcwane ubesaba ukuthi usezoxoshwa emsebenzini kulandela ukufaka kwabo isikhalo ngaye enhlokweni yeziMantshi ngokugxambukela kwakhe ezindabeni zebandla ebe eyiMantshi.

“Esikhalweni sethu ngoNcwane wukuthi ubesayina izincwadi ezifungelwe zabazothula ubufakazi ecaleni lombango wobuholi bebandla eliseNkantolo eNkulu eThekwini aphinde abe ngufakazi kulona. Ngokwazi kwethu iMantshi iqoka omunye umuntu ukuthi asayine izincwadi ezifungelwe uma ithinteka kulelo cala,” kusho uMthethwa.

UMthethwa uthe enye incwadi efungelwe eyasayinwa nguNcwane njengeMantshi, ngokuzofakaza ngayo uMfu Mbongwa Nzama yokuvala ama-akhawunti ebandla ngo-Ephreli nyakenye.

NgoJuni nyakenye, uNcwane kuthiwa uphinde wazibophezela ngokuba ngufakazi kuleli cala. Encwadini efungelwe kuthiwa uthe njengelungu elidala laleli bandla ucela ukuthi izimoto zebandla okwakuthiwa kumele zigcinwe esikhonzini senkantolo eNanda zingathathwa ngoba zisiza izingane zesikole.

UMthethwa uthe leli cala elibhekene noNcwane belizophindela enkantolo ngoNovemba kulo nyaka. Uthe bese kucacile ukuthi noma kanjani uzoxoshwa. Abebeliphethe uthi bathe ngeke lisakwazi ukuthi liqhubeke njengoba esesulile.

Eziphendulela kulokho uNcwane uthe akukho lokhu okushiwo abaseThembezinhle.

“Lokhu abakushoyo bayazibhedela abaseThembezinhle. Sebenza sengathi ngisanda kusula emsebenzini kanti incwadi yokusula ngiyifake ekupheleni kukaSepthemba nonyaka icacisa ukuthi ngizogcina ekupheleni kuka-Okthoba emsebenzini.

Icala abalifaka ngami ngaphendula kwaphela kanjalo ngalo, bangaze bazishaye isifuba ngalo,” kusho uNcwane.

Akathandanga ukudalula okumshiyise umsebenzi wathi akubhekwe i-internet, yonke into ikhona ngalolu daba.

Ngesikhathi eziphendulela emsakazweni uKhozi FM, ukhale ngozakwabo kwezomthetho abebelokhu bemfaka ingcindezi yokuthi asule kusuka ngo-2006.

Uthe bebelokhu bemtshela ukuthi uma engasuli ngeke akuthole ukuphumula esekulo msebenzi.

Noma engawadalulanga amagama abathintekayo uthe kukhona nabashushisi abasasebenza namanje kwezomthetho.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.