Sibucayi isimo emaphoyiseni amabili

Comment on this story

NOKUBONGWA PHENYANE

KWEMBULWA kwembeswa esibhedlela emaphoyiseni amabili aseMlazi esigcemeni sakwa-H ngemuva kokuthi edutshulwe ngabalisa abathathu abasolwa ngokuduna imoto kuleli lokishi ngoMgqibelo.

La maphoyisa okuthiwa asesimweni esibi esibhedlela njengoba elinye kuthiwa lisegunjini labagula kakhulu (ICU), njengoba lidubuleke kabi entanyeni.

Umthombo okhulume naleli phephandaba uthe omunye wesilisa owaziwa ngoMduduzi Nkosi ulahlekelwe umakhalekhukhwini wakhe nokuthe ewufonela wabanjwa owesifazane othe akeze endaweni yokugeza izimoto kuleli lokishi azowuthatha.

“Lo mlisa ubelahlekelwe ucingo, owesifazane atholane naye uthe akeze ezomnikeza ulutholile nokuthe efika kuyena kwaqhamuka owesilisa ohilizisane naye wambuza ukuthi yini ayifuna entombini yakhe akahambe,” kusho lo mthombo.

Uthe akabange esahlala lo mlisa njengoba engayitholanga ifoni kule ntombazane waphinda wazama ukuyifonela lwaphinde lwabanjwa ngomunye wesilisa othe uzomthola kwa-G akeze azolulanda khona.

Uthe lo wesilisa ngesikhathi efika la obekuthiwa akazolulanda khona wehlile isikhashana kwaqhamuka abafana abathathu bathatha imoto bahamba nayo.

“Amaphoyisa abone imoto ihamba ngesivinini esikhulu ayilandela nokuthe laba bafana bebona imoto yawo amaphoyisa baphuma babaleka bayishiya inokhiye bacasha,” kuqhuba lo mthombo.

Uthe ngesikhathi amaphoyisa esehlile kula abasolwa bededele khona ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni alimala kanzima baqhubeka bahamba nemoto.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane uthe bavule amacala amathathu okukhona kuwo elokudunwa kwemoto namabili okuzama ukubulala.

“Akekho osaboshiwe manje kodwa siyaqhubeka nophenyo njengoba laba balisa amaphoyisa ephansi phezulu ekutheni nakanjani baboshwe,” kusho uZwane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.