CLOSE X
Advertisement

Sichithiwe isicelo sebheyili kuJub Jub

Isolezwe

SICHITHIWE isicelo sakamuva sebheyili ebesifakwe ngumculi we-hip hop uMolemo “Jub Jub” Maarohanye (osesithombeni), izolo eNkantolo ePhakeme yaseGoli.

IJaji J Koetzee uthe uyavumelana nesinqumo esathathwa yiNkantolo kaMantshi eseProtea, esasithi lo mculi wehluleka ukuveza izimo ezazingaholela ekutheni avunyelwe ukunikwa ibheyili.

Share this story
131011. Molemo "Jub Jub" Maarohanye during the murder trial at Protea Magistrate's Court in Soweto. Picture: Dumisani Sibeko

“Kuncane kakhulu, uma bukhona, okungeseka lesi sicelo asifakile,” kusho uKoetzee.

UJub Jub nomngani wakhe uThemba Tshabalala, ngo-Okthoba 16, balahlwa ngamacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, awokushayela ngesivinini esingavumelekile nokusebenzisa izidakamizwa.

Kwashona izingane ezine, ezimbili zalimala kabi engozini eyabangwa ngukujahana ngezimoto kukaJub Jub noTshabalala ngezimoto zabo ama-Mini Cooper, eSoweto, ngoMashi wango-2010.

Isigwebo sabo kulindeleke ukuthi sikhishwe ngoNovemba 30. – Intatheli yeSolezwe

Share this story
Advertisement
X