Ex-QDMS
UWINNIE Busisiwe Mahlangu owaba ngowesifazane wokuqala ukuzwakala emsakazweni
SIZWE BLOSE
BANGENISILE abantu besifazane endimeni yezokusakaza njengoba kuyinyanga yabo kungakuhle sike silibheke iqhaza elibanjwe yibona kulo mkhakha ngokukukhumbuza abasakazi besifazane ababa ngamavulandlela nabangene kwezwakala.
Phambilini kule ndima bekugcwele kakhulu abesilisa, yingakho kumele babongwe abantu abafana noWinnie Busisiwe Mahlangu abafike bawuqeda lo mqondo basho kwagcwala umlomo ukuthi nabo bangawubamba umbhobho.
UWinnie ungene emsakazweni kwezwakala njengoba wayengumuntu wesifazane esebenza nabantu besilisa.
UKing Edward Masinga ongomunye wabantu abamnyama bokuqala ukuthi iphimbo lakhe lizwakale emsakazweni wagcina esembiza ngoMafungwase.
UWinnie uzalelwe eWitbank ngo-1932 waqashwa ngokugcwele yi-SABC ngo-1962.
UDUDU Lady D Khoza woKhozi FM oliphakamisele phezulu ifulegi labesifazane emsakazweni
.
Emsakazweni wayegxile kakhulu ezinhlelweni zabantu besifazane, uyena owavumbulula ikhono lomsakazi wezemidlalo owayengaconsi phansi kubantu abaningi, uThetha Masombuka.
Kuzobaluleka ukukuveza ukuthi ungowokuqala omnyama wesifazane ukuqashwa yinhlangano yezokusakaza i-SABC.
UWinnie uvulele ithuba abasakazi abaningi besifazane njengoba namhlanje sebegcwele nje futhi baningi ababukele kuyena.
Bathwale kanzima abantu besifazane emsakazweni, ngaphandle kokuthi bebenganikwa ithuba, kuthe noma sebelithola kodwa kwanezinhlelo okungacatshangwa nje ukuthi zingenziwa yibona.
Namhlanje sekunalabo abancintisana ngqo nabesilisa kwezasekuseni nantambama.
Ikhono labesifazane liphinde lavezwa ngabasakazi abafana noLindiwe “Itshitshi lika-15 years” Ntuli.
USHADO Twala ungene kwezwakala emsakazweni naye ubesebenza nenqwaba yabesilisa
INLSA
Bambalwa abangathi abalazi igalelo lale ntokazi eyayivele ingene ezindaweni zabantu ezifana nakoMgababa nakobuZekezeke, eMlazi.
Le ntokazi yayinekhadi eyayithi uma ilifunda ubone ngempela ukuthi usengenile uLindiwe kaNtuli, yayibala uCyril Bongani Mchunu, Nhlanhla ‘8 years’ Moloi, Cyril Vusumuzi Mbongwa namanye engingasawakhumbuli.
Kuthe uma kuvulwa iRadio Metro eseyibizwa ngeMetro FM sezwa amaphimbo amasha oNomshado “Shado” Twala noShiela Dladla owayaziwa ngoShiela D kwaba ukuphela kwabo njalo.
Angisho nje ukuthi ukuvaleleka ngaphandle kwabesifazane endimeni yezokusakaza beyingabhekile kuphela kubantu abamnyama ngisho nabamhlophe besifazane bathwala kanzima kule ndima.
I-5FM nayo ayisali ngaphandle, kulo msakazo kuke kwaba khona uCleon Cassidy ongumuntu wesifazane owayekulo msakazo noma ngabe babekhona abanye kodwa babengabaningi.
Njengamanje akekho umuntu ongeke alibabaza iqhaza labantu besifazane abasendimeni yokusakaza abaningi sebenezinhlelo eziqondene nabo ngqo okuyinto ebeyingajwayelekile. Ngifikelwa uDudu Khoza woKhozi FM okwazi ukuhlanganisa wonke umuntu ohlelweni lwakhe, omdala omncane, owasedolobheni nowasemakhaya, into abanye abasakazi besilisa esabahlula namanje.
U-AZANIA Mosaka useke wenza izinhlelo ezazaziwa ngokuthi ezabesilisa namanje usayibambile
Ex-QDMS
Kuphinde kube khona u-Azania Mosaka weMetro FM naye owenza ubulungiswa ohlelweni lwakhe, ngabe ngenza iphutha uma ngingababali oBertha Charuma we-Radio 2000, Phindi Gule weGagasi FM, Nonhlanhla Mdonso Ngcobo weZululand FM, Fundiswa ‘Teady Bear’ Xaba weMbokodo FM, Winnie ‘Sgqebhezane’ Sibiya weZwi Lo Mzansi, Thuli D we-Vibe FM, Nozipho Zulu we-Icora, Zama B Buthelezi woMgungundlovu FM, Makhosi Maphumulo weKhwezi FM, Makhosi Simelane we-Highway Radio, nezintokazi zeRadio Sunny South, Maputaland Radio, Newcastle Radio, Good News, Shine FM eseRichardsbay.
Lezi zintokazi ziyibekile induku ebandla ngokungena lapho ekwaziwa ukuthi azikakemukeleki kahle khona.
Siyaziqhenya nangabantu abafana noZamambo Mkhize, Bongi Magudulela, Zandile Tembe, uWada Wotwana woMhlobo Wenene, Thandeka Msani weNanda FM nabanye asebephethe izikhundla eziphezulu kule ndima.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services