MINENHLE MKHIZE
A BHEKE ukudlala kangcono amaProteas ochungechungeni lwemidlalo emihlanu yosuku olulodwa azoyidlala ne-England.
Lokhu kushiwo yinhloko yethimba labaqoki eqenjini lesizwe lekhilikithi uLinda Zondi.
AmaProteas abuya asibhaxwini sika 2-1 ochungechungeni lwemidlalo emine yamaTest. Azodudulana ne-England emdlalweni wokuqala wosuku olulodwa namuhla ngo-1.30 eMangaung Oval, eBloemfontein.
Owesibili ungoMgqibelo ngo-10 ekuseni eSt George Park, ePort Elizabeth, bese kuthi owesithathu ube ngoFebhuwari 9 e-SuperSport Park, eCenturion, eduze kwasePitoli, ngo-10 ekuseni. Owesine useBidvest Wanderers Stadium ngo-1.30 emini ngoFebhuwari 12 bese kuthi owokugcina udlalelwe e-PPC Newlands, eKapa, ngo-10 ekuseni ngoFebhuwari 14.
“Imidlalo yosuku olulodwa ibalulekile kithina. Ngonyaka odlule siphume kuma-semi final eNdebeni yoMhlaba yosuku olulodwa. Njengamanje sakhela iNdebe yoMhlaba elandelayo. Ngonyaka odlule sinqobe okokuqala imidlalo yochungechunge yosuku olulodwa e-India sibhekene neqembu elinzima. Kulolu chungechunge esizoludlala ne-England sibheke ukuqhubeka ngesigqi esifanayo. INdebe yoMhlaba yeT20 isiseduze futhi imidlalo efana nale iyasiza ekwakheni ukuzethemba,” kusho uZondi.
INdebe yoMhlaba elandelayo yosuku olulodwa izodlalelwa e-England naseWales ngo-2019. AmaProteas awakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba emlandweni wawo wekhilikithi kusukela abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngo-1992.
“Kulolu chungechunge lwemidlalo emihlanu ne-England ziningi izinto esibheke ukuzizuza. Sifuna ukubhekana namanye amaqhinga esicabanga ukuthi angaba wusizo ezinhlelweni zethu zeNdebe yoMhlaba ka-2019. U-Imran Tahir nguyena esizomsebenzisa ngenje-spinner sethu esihamba phambili. Sifuna ukubuyisa isithunzi sethu ngemidlalo yosuku olulodwa njengoba singazange senze kahle emidlalweni yamaTest,” kusho uZondi.
AmaProteas awayazi induku emidlalweni emibili edlule yochungechunge. Ashaye i-India ngo 3-2 neNew Zealand ngo 2-1. Njengamanje amaProteas ahlezi endaweni yesine ekuklelisweni kwamazwe emidlalweni yosuku olulodwa.
I-Australia iyona eqhwakele ilandelwe yi-India neNew Zealand.
UKagiso Rabada, ongumshwibi kumaProteas, nguyena owenze kahle emidlalweni yamaTest ngokuthatha amawikhethi awu-13 emdlalweni wokugcina. Lo mdlali weHighveldt Lions kubhekeke ukuthi aphinde abhincisele nxanye amaNgisi emidlalweni yosuku olulodwa eqala namuhla.
Ngemuva kwemidlalo yosuku olulodwa amaProteas ne-England bazobhekana kweyeT20 emibili. Azophinde avakashelwe yi-Australia azodlala nayo imidlalo emithathu yeT20 ngaphambi kokuthi kuyiwe eNdebeni yoMhlaba yeT20. Le midlalo izovulwa ngowaseThekwini oseSahara Kingsmead Stadium, ngoMashi 6.