Silokhu sidlondlobalile bafundi bethu

Comment on this story
NO SOLEZWE (Read-Only)

INTATHELI YESOLEZWE

SINENJABULO ukwazisa abafundi bethu ngezinguquko ethimbeni lobuholi bamaphephandaba ethu, Isolezwe, Isolezwe ngoMgqibelo neSolezwe ngeSonto.

Kuyintokozo ukunethulela uMnuz Sazi Hadebe, obeyiPhini likaMhleli, njengoMhleli omusha weSolezwe, Isolezwe ngoMgqibelo neSolezwe NgeSonto ovale isikhala esivuleke ngokuya emadlelweni aluhlaza kwaloyo obenguMhleli phambilini, uMnuz Mazwi Xaba.

UHadebe ube esememezela uNkk Slindile Khanyile obenguMhleli wamaphephandaba angempelasonto, Isolezwe ngoMgqibelo neSolezwe ngeSonto njengePhini loMhleli waphinde wamemezela uMnuz Sandile Mdadane njengoMhleli obheke ukusebenza kwansuku zonke kweSolezwe ngoMgqibelo neSolezwe ngeSonto.

Ephawula ngezinguquko uHadebe uthe: “Nginethemba elikhulu lokuthi abafundi bethu bazozamukela lezi zinguquko. Owethu umsebenzi ukuhlale sinikeza abafundi bethu lezo zindaba ezibathintayo nezibazikhulisayo.”

UHadebe ubonge abafundi abalokhu bekhombise ukuleseka Isolezwe ethi lokhu kufazazelwa yizibalo zakamuva ezikhomba ukukhula kwawo wonke.

Ngokwezibalo zakamuva zenhlangano ezimele ecubungula iqinisekise ukudayiswa kwamaphephandaba eNingizimu Afrika, i-Audit Bureau of Circulation (ABC), Isolezwe likhule ngo-5.2% uma kuqhathaniswa nelaliyikho ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule ngokwezibalo zekota yesibili yalo nyaka – Ephreli kuya kuJuni nonyaka.

Ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, Isolezwe, elihlanganise iminyaka ewu-10 kulo nyaka, lalidayisa 108 138 kanti manje selidayisa 113 786.

UHadebe utuse kakhulu ozakwabo nabafundi ngale mpumelelo elokhu iqhubekile. “Silapho sikhona ngenxa yabafundi bethu abazithakaselayo izindaba esibaphakela zona mihla namalanga. Izindaba ezibasizayo, ezibathuthukisayo, ezibajabulisayo nezibafundisayo nezibikwa ngokungachemi. Siyabonga kakhulu kubona futhi sibonga nozakwethu abangozulazayithole, abangakhathali bephuma bengena kuwo wonke amajukujuku ezweni lethu,” kusho uHadebe.

Izingane ezizalwe yileli phephandaba nazo azizibekile phansi njengoba nezazo izibalo ziveza khona ukudlondlobala. Uthumbu, Isolezwe ngoMgqibelo, likhule ngo-9.2 % njengoba selidayisa 76 127 kanti ngekota yokuqala lalidayisa 69 695.

Isolezwe ngeSonto, lona elineminyaka emine lasungulwa, likhule ngo-11.8% njengoba selidayisa u-90 092 uma kuqhathaniswa nangalesi sikhathi ngonyaka odlule lapho lalidayisa khona 80 608.

Iphini elisha lo mhleli, uNKK Slindile Khanyile, naye ubonge abafundi nabasebenzi bala maphephandaba.

“Kulesi sikhathi esiphila kusona yonke into iyabiza futhi abantu bayakubhekisisa ngempela ukuthi bayisebenzisa kanjani imali yabo kodwa abafundi bethu abakhathali ukuseseka ngenxa yomsebenzi onohlonze esiwenzayo.

“Sibonga nozakwethu abaqinisekisayo ukuthi izindaba aziphindwa emaphephandabeni ethu womathathu ngoba akulula ukukhipha iphepha zonke izinsuku,” kusho uNKK Khanyile.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.