Gallo Images
USIHLALO we-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, uyavuma ukuthi iqembu lizoba nengcindezi yokuvikela izindebe zayo ngesizini ezayo. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
USIHLALO we-Orlando Pirates, u-Irvin “Iron duke” Khoza, uvuma ingcindezi abayenzelwa yizimbangi zabo ezinkulu, iKaizer Chiefs, namanye amaqembu uma esayinisa abadlali abaseqophelweni eliphezulu.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi exoxa neSolezwe mayelana nezinhlelo zaleli qembu zangesizini ezokwethwasa.
“Kuzoba nzima kule sizini ngoba amaqembu akhombisa ukuzimisela ngokwenza ingcindezi kuPirates kwazise asayina abadlali abasezingeni eliphezulu. Yebo sinengcindezi yokuvikela izicoco zethu ngempumelelo futhi lokho ngeke kuze kube lula ukukwenza,” kusho uKhoza.
Kula masizini amabili edlule eZimnyama bezizititilizela izicoco njengoba zidle eziyisithupha. Kumanje iBucs iyona ezomela iNingizimu Afrika emdlalweni yeCaf Champions League ngesizini ezayo.
“Umqeqeshi (Augusto Palacios) uyakwazi esikudinga kuyena. Simnike umsebenzi ngoba simethemba ukuthi angakwazi ukusinika lokhu esikufunayo. KuPirates asiqageli, ngakho ngeke ngithi sizokwenza imilingo. Engingakusho nje wukuthi abadlali bami ngiyabethemba ukuthi bazokwazi ukubhekana nengcindezi elethwa yila maqembu asayina abadlali abaseqophelweni eliphezulu,” kusho uKhoza.
ISuperSport United, eke yaba ngompetha beligi amahlandla amathathu elandelana, isanda kuthenga uClifford Mulenga oyisibabuli somgadli noBevan Fransman obegijima kuHapoel Tel Avi yakwa-Israel. IChiefs, eqede isizini edlule ishwiba izandla, ikhithiza ubuthaphuthaphu emakete. Ilande uMorgan “Mr Reliable” Gould oyisiqongqwane seBafana, Siboniso “Pa” Gaxa obekuLierse SK yaseBelgium, Siyabonga “Doctor” Nkosi, Sakhile Hlongwa, Brilliant Khuzwayo, unozinti, noKgotso Moleko. Kulindeleke ukuthi isayinise u-Eric Mathoho weBloemfontein Celtic noKingston Nkatha weBlack Leopards.
“Kuhle impela ukuthi namanye amaqembu athenga abadlali abasezingeni eliphezulu. Lokhu kukhulisa iligi yaseNingizimu Afrika. Ne-America yaqala kanje yagcina isidlondlobele. Ekugcineni sifuna ukulanda abadlali abanjengoCristiano Ronaldo (weReal Madrid) noLionel Messi (weBarcelona). Kuyizinkomba zokuthi siya phambili siyiPremier Soccer League (PSL),” kusho uKhoza.
EZimnyama sezisayinise uPatrick Phungwayo obedlala kuBidvest Wits, Ayanda Gcaba obekuFree State Stars, Thabo Rakhale obeyihlikihla kuSivutsa Stars eyibamba kuNational First Division (NFD) noKhethokwakhe Masuku obehlupha izitobha samaqembu ePremiership kuBlack Leopards.
Ebuzwa ngendaba yabadlali abasayinile uthe: “Asingayikhulumi indaba yabadlali. Ngizobiza isithangami nabezindaba lapho ngizothula khona abadlali abasha. Okwamanje ngicela ungihloniphe kulokho engikushoyo.”
Abalandeli basakhala ezimathonsi ngeVodacom Challenge kanti uKhoza uthembise ukuthi ngeke lenzeke iphutha ngonyaka ozayo.
“IVodacom Challenge izoba khona ngesizini ezayo. Kulokhu sihlangabezane nezinkinga eziningi. Ezinye zazo zidalwe wukuthi i-Euro (European Championship) iyaqhubeka e-Ukraine nasePoland okwenza kube nzima ukuthi sithole amaqembu azofika nabadlali babo abaphezulu,” kusho uKhoza.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services