MDU NCALANE

Ebika eseGallagher Estate

KUQALILE ukushuba kwesimo nokwehlukana ngemibono kwezithunywa ezihambele ingqungquthela yesine kazwelonke yemigomo ye-African National Congress eGallagher Estate, izolo emini ngesikhathi ezinye zazo zasesifundazweni iNorth West zishwiba izandla zoshintsho ebuholini nezaKwaZulu-Natal ziphakamisa iminwe emibili ewuphawu lokuthatha ihlandla lesibili kukamengameli Jacob Zuma.

Nezingoma ebeziculwa izolo emagcekeni alapho bekukhona le ngqungquthela bese zehlukene. Lokhu kukhomba indlela ezoba wumdonsiswano ebheke eMangaung, eFree State, ngoDisemba lapho kuyobhabhadiswa khona le migomo ekade idingidwa kuleli sonto.

Phezu kokuba abezindaba bebengavunyelwe ukusondela eduze kwehholo kodwa ukuquzana bekubonakala ngaphandle kanti nezingoma ubuzizwa ukude.

IPhini likamengameli kaKhongolose, uMnuz Kgalema Motlanthe, uzithele phakathi kwabebecula bekhombisa ukumeseka kwanzima nokubakhuza, ngesikhathi abaholi bakaKhongolose behamba bebuka imibukiso ekleliswe emahholo ehlukene kudedangendlale wendawo okwenzelwa kuyo izingqungquthela eGallagher.

Kulindeleke ukuba namuhla isongwe le ngqungquthela ngenkulumo ezokwethulwa nguZuma, emuva kokubika kwekomidi elididiyela izisombululo elenganyelwe nguMnuz Jeff Radebe (osesithombeni).

Emuva kwalokhu lezi ziphakamiso ziyobhabhadiswa yingqungquthela kazwelonke eMangaung ngoDisemba nokuyilapho uKhongolose uyobe esefaka abanye abaholi abasha abazokwenza le migomo isebenze ngokushesha noma banike ithuba lesibili uZuma nethimba lakhe ukuba ayiqhube.