Sisuswe buthule isikhulu se-NPA

Comment on this story
no menziiiii

INTATHELI YESOLEZWE

UMISIWE umholo woMqondisi wezokuShushiswa kuleli uMnuz Menzi Simelane.

Lokhu kushiwo uMnyango wezobuLungiswa izolo.

Okhulumela lo Mnyango uMnuz Mthunzi Mhanga uthe yize umisiwe umholo kaSimelane kodwa zonke izinhlelo ezibandakanya umthelela wesinqumo seNkantolo yoMthetho-sisekelo nokuqashwa koMqondisi ziyaqhubeka.

“Ngenxa yemithelela yezemithetho ebandakanyeka kulezi zinhlelo asikwazi ukunikezela ngemininingwane ephelele,” kusho uMhanga.

Uthe lokhu kuchaza ukuthi akasayena umphathi kwezokuShushiswa kuleli.

Iphephandaba i-The Times izolo libike ukuthi uSimelane ususwe buthule kulesi sikhundla.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uMnuz Bulelwa Makeke, uthe uSimelane akasayisebenzeli iNPA kodwa wanganika imininingwane egcwele.

Ngo-Okthoba iNkantolo yoMthetho-sisekelo yagcwalisela okwatholwa yinkantolo enkulu yokudlulisa amacala ukuthi isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokuqoka uSimelane sasingekho emthethweni.

Lesi sinqumo savuna iDA okuyiyo eyafaka lolu daba enkantolo ikhala ngokuqokwa kukaSimelane.

Emuva kokukhishwa kwalesi sinqumo, kwakhethwa uNksz Nomgcobo Jiba ukuthi abambe njengoMqondisi wezokuShushiswa. Kwenzeka konke lokhu nje nesigungu esibhekele ukusebenza kwabameli eGoli i-Johannesburg Bar ihlanganile ngoLwesibili lapho bekucutshungulwa ngekusasa likaSimelane namacala okuqondiswa ubugwegwe angase abekwe wona ngemuva kokumiswa njengelungu.

Leli bhodi alitholakalanga izolo ukuthi liphawule.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.